Izindaba

Wethulelwe isigqoko uMfundisi webandla laKwaMakhutha

Nkosikhona Cele|Published

USHANSELA uKhayelihle Mbanjwa eqhuba inkonzo yokugcotshwa kukaMfu Lucky Khuzwayo nomkakhe uMfu Nomfundo Khuzwayo

Image: SITHUNYELWE

WETHULELWE isigqoko ngendima aseyiklamile ebandleni likaNkulunkulu uMfundisi obegcotshelwa kwesobuPhostoli futhi kwethulwa nebandla aliholayo ngokusemthethweni.UMfu Lucky Khuzwayo inkonzo yokugcotshwa kwakhe ebisehholo lomphakathi eSiphumelele KwaMakhutha eningizimu yeTheku.

Kuqalwe ngokwethulwa kwesitifiketi sikaKhuzwayo sobudokotela kwiCommunity Development abesinikezwa yikolishi lezeNkolo iHoly Nation Bible College.UKhuzwayo ungumsunguli nomholi webandla labasindisiwe lakhona kwaMakhutha elibizwa ngeRoyal Priestwood Community Centre (RPCC).

Ibizinyaziswe ngabaholi bezenkolo bamahlelo ahlukene abashintshane ngepulpiti beshumayela iZwi likaNkulunkulu futhi bencoma ukuhamba ngokucophelela kukaMfu Khuzwayo.UMfu Sizwe Manqele umethulele isigqoko uKhuzwayo ngakho konke okuhle athe usekwazile ukuthi akwenzele ibandla likaNkulunkulu.

Uthe bayidlanzana abaholi abafana noKhuzwayo ngokwezenzo abashumayela into abayiphilayo.Umethulele isigqoko ngokuthi ngabe seyabhidlika kudala eminye yemishado yabantu abehlukene ukuba akekho yena.''Udinga ukunconywa nokushayelwa ihlombe elikhulu lo muntu esihlangene ngaye lapha namhlanje. Iqiniso wukuthi kuningi kakhulu okuhle asekwenzele ibandla likaNkulunkulu,'' usho kanjena.

UMfu Sandile Xulu obemele inhlangano yabefundisi baKwaMakhutha umchome uphaphe lwegwalagwala uKhuzwayo wathi impela unyathele kwezwakala kule ndawo.Uthe indawo yaKwaMakhutha iyabadinga kakhulu abaholi balolu hlobo. ''Kuyisibusiso esikhulu kabi ukuthi kule ndawo yakithi kukhona abefundisi abafana nawe ngokwenza. Kuningi nabanye engikholwa wukuthi bangakufunda ngendlela omkhonza ngakhona uNkulunkulu,'' usho kanjena.

Inkonzo yokugcotshwa kwakhe beyiqhutshwa wuShansela Khayelihle Henry Mbanjwa. UKhuzwayo ugcotshwe kanye nomkakhe uMfu Nomfundo Khuzwayo.

Kafishane ngoMfu Khuzwayo: Uzalelwe oLwasini eMkhomaas, ezalwa ngunina uNkk Rose Khuzwayo osadla anhlamvana kanye noyise osalala kobandayo uMnuz Nkosenye Khuzwayo.

Ubizo lwakhe lobufundisi lwaqala ukugqama kakhulu ngeminyaka yawo-1980 ngesikhathi eyilungu lokuqina lenhlangano iStudent Christain Movement (SCM) manje eseyaziwa ngokuthi yiStudent Christian Organization (SCO).Uphinde abe ngumsunguli noSihlalo wenhlangano ebizwa ngeDestiny Helpers Network.

Ufundise njengothisha iminyaka eminingi kakhulu. Ufundise KwaMakhutha Comprehensive kusukela ngo-1995 kwaze kwaba ngu-2007. Ngemuva kwalokho uye e-Adams College nalapho afika wagixabezwa ngesikhundla sokuba yiNhloko yezoLimi kwaze kwaba ngu-2019.