UKHALA ngokudembesela kwamaphoyisa ecaleni lokudlwengula umndeni womfana oneminyaka eyisikhombisa, okusolwa ukuthi ubanjwe yibhungu lakwamakhelwane lamgila.
Umfana oneminyaka eyisikhombisa kusolwa ukuthi uthathwe ngeledlule edlala nabangani bakhe ngumfana wakwamakhelwane oneminyaka engu-18 wamdlengulela kubo.
Unina walo mfana ngoLwesine utshele Isolezwe ukuthi ingane yakhe usehlala ngokuyigada, kunzima nokuthi iye esikoleni ngenxa yalesi sehlo.
“Ingane yangitshela ukuthi ngesikhathi idlala yabizwa wumfana wakwamakhelwane wayidlwengula. Ngiyile kwadokoteka kwatholakala ukuthi ngempela inukubeziwe. Icala livuliwe nengane yakwazi ukutshela amaphoyisa ngokwenzekile kodwa umsolwa akazange aboshwe. Sikhathazekile ukuthi nezinye izingane endaweni zingaba sengozini njengoba kuthiwa umkhuba wakhe umsolwa ukuba athathe abafana abancane ayodlala nabo kubo,” kusho unina walo mfana okuthiwa udlwenguliwe.
Uthe ingane yakhe njengoba ifunda uGrade 1 useyayigada uma iya noma ibuya esikoleni. Ekhaya iyavalelwa ingaphumi nasemnyango ngoba basaba ukuthi izohlangana nomsolwa. Lo mfana kuthiwa usehlala ngokukhala nokusaba selokhu kwenzeka lesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisisekile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula.
“Amaphoyisa aseMnambithi aphenya icala lokudlwengula kulandela ukuba umfana oneminyaka eyisikhombisa okuvele ukuthi wayedlala nezinye izingane ngesikhathi ibhungu elaziwayo endaweni limbizela endlini yakubo nokuyilapho lamdlwengula khona. Uphenyo luyaqhubeke, akekho osaboshiwe.”