UKUPHITHANA ikhanda ecabanga isicefe sokuthola umzanyana ongahluphi, kwamvulela umqondo webhizinisi owesifazane osesiza nabanye nge-internet.
UNksz Slindile Mkhize (26), wasungula ibhizinisi i-Uber Affix emuva kokuhlangana nobunzima bokufuna umzanyana esakhulelwe ngo-2017.
UNksz Mkhize onamanye amabhizinisi, uthe njengoba kulungiselwa ukwanelisa izidingo zesintu ngobuchwepheshe okubizwa nge-4th Industrial Revolution, ubone kungcono asungule i-App ezoba wusizo.
Ngabesifazane kuphela abavumeleke ukubhalisa kuyona, abafuna umsebenzi, abakhangisa amabhizinisi nabafuna abazanyana.
“Ayikho into ebingiphathisa ngekhanda njengokucabanga ukuthi ngisazofuna umzanyana wendodana yami. Ngiyazi indlela abantu abahlupheka ngayo bekhala ngokuhlushwa abazanyana. Ngacabanga ukuthi ngizoqalaphi nje uma ngimfuna, yilapho ngaqhamuka nesu le-Uber Affix,” usho kanje.
Yize inhloso kwakuwukusiza abafuna abazanyana, ugcine esenza okuningi kule App. Naye wamthola khona umzanyana wendodana yakhe, athe namanje ukhona futhi akamhluphi.
“Bangaphezu kuka-300 abesifazane asebebhalise kwi-Uber Affix. Ngigxile kubona ngoba bebencisheke amathuba phambilini, akukho nokulingana ngobulili emsebenzini. Baningi asebesizakele kodwa inselelo wukuthi kukhona ezinye izinkampani eziqasha nge-Internet esezizindala kulo mkhakha,” kusho yena.
UNksz Mkhize unabesifazane abayisihlanu abaqashile abamsiza ebhizinisini lakhe. Abanye babhala izingosi ezahlukene, basize nokulawula i-App kwi-internet.
Uke waba nesitolo eMhlanga njengoba enelebula yezimpahla zokugqoka i-’Thee Sleigh Apparel’. Yize ethi wabuye wasivala lesi sitolo, usazimisele ukwethula kabusha ilebula yakhe.
“Ngibonile ukuthi nakuwona umkhakha wezemfashini sekushintshe kakhulu. Sengenze ucwaningo ngabona ukuthi uma ngibuya kumele ngisebenzise ubuchwepheshe nakhona kwezemfashini. Abantu kumele bathole yonke into ngobuchwepheshe,” kuchaza yena.
Uthe inhloso enkulu ukuthi kuphele ngisho ukuthi abantu babe namaCurriculum Vitae (CV) asemaphepheni ngoba zimbalwa izinkampani ezisaqasha kanjalo. Ukhuthaza ukuthi abesifazane bazifundise ubuchwepheshe ukuze bakhonye nasemikhakheni ehlukene, yonke esidinga lolu lwazi.
UNksz Mkhize okhulele eMargate ePort Shepstone, uneziqu zeRetail Business Management azithola e-University of KwaZulu-Natal eThekwini.
Ubuye wafundela ukuba wumsiki wengqephu. Ubuye abe nebhizinisi lezokwakha alihlanganyele noMnuz Sandile Shezi ayingoduso yakhe.