UZOKWEHLA kancane umthwalo kubashayeli bezimoto emuva kokuthi uMnyango wezaMandla nokuMbiwayo umemezele ukuthi lizokwehla ngo- 4 cents ilitha likaphethroli.
Lokhu kusho ukuthi ilitha likaphethroli oluhlaza selizobiza uR18, 11 cents.
Yize abashayeli bezimoto zikaphethroli bezojabula kodwa abezikadizili bazothwala kanzima njengoba ilitha lizonyuka ngo-22 cents.
Abasebenzisa upharafini bona bazokhokha u-32 cents owengeziwe uma bethenga ilitha.
Abasebenzisa igesi bazokhokha u-7 cents owengeziwe uma begcwalisa ikhilo legesi.
Esitatimendeni sabezindaba, uNgqongqoshe wezaMandla nokuMbiwayo, uMnuz Gwede Mantashe, uthe ukwehla nokunyuka kukaphethroli kwenzeka emuva kokubheka isimo ezimakethe zomhlaba.
Uthe kubhekwa intengo kawoyela ongahluziwe emhlabeni jikelele, izindleko zokuwuletha kuleli kanjalo namandla emali.
Uveze ukuthi njengamanje i-United States inemiphongolo ewu-414 million kawoyela ongahluziwe, okuyisikalo esingaphansi ngo-8%.
Ubuye waveza ukuthi umphongolo kawoyela ongahluziwe unyukile usuka ku-72.50 USD waya ku-75.50 USD.
Ubuye wakhala nangokuthi ukushoda kwegesi e-Europe kuzoba nomthelela omubi emhlabeni jikelele ngoba kuzonyusa intengo yayo.
UNksz Abigail Moyo, wenyunyana i-UASA, uthe bayakwamukela ukwehla kukaphethroli ngoba bese befile wukukhokha abashayeli.
Uthe amasentshana amancane okwehle ngawo uphethroli azosiza abashayeli ukuthi babhekane nezinye izindleko emakhaya.