UFAKAZI owabona abantu bebulawa ehostela laseMlaza iGlebelands, uthi wayesaba ukubikela amaphoyisa ngokwenzeka.
Lokhu kuvezwe ngufakazi woMbuso, igama lakhe eligodliwe njengoba engaphansi kohlelo lokuvikela ofakazi.
NgoMsombuluko ufakazi oneminyaka engu-34 utshele inkantolo ukuthi kwabulawa abantu abathathu ngokuhlukana ebuka kodwa akazange awatshele amaphoyisa ngenxa yokwesaba.
Ufakazi obephonswa imibuzo ngumshushisi kuleli cala u-Advocate Dorian Paver, uthe abasolwa uyabazi ngoba bebehlala ndawonye ehostela.
Bayisishiyagalombili ababekwe icala okunguSergeant Bhekukwazi Louis Mdweshu, uMnuz Khayelihle Mbuthuma, Vukani Manenze Mcobothi, Wonderboy Eugene Hlophe, Ncomekile Matlale Ntshangase, Mbuyiselwa Mkhize, Mondli Thalente Mthethwa noBongani Mbhele.
Ufakazi uthe kusuka ngo-2008 ubehlala ehostela ngoba efuna amatoho.
Uthe ngo-2015 kwabulawa umuntu ayehlala naye endlini, iphephandaba elingeke lilidalule igama lakhe ukuvikela ufakazi.
Uthe wayebuya emsebenzi wayophuza nabanye kwenye indlu ngesikhathi ebona abasolwa belandela umufi.
“KwakunguBonga Hlophe (ongasekho), Vukani Mcobothi, uMroza (Khayelihle Mbuthuma), uWonder (Wonderboy Hlophe), noMbanjwa (okungacacanga ukuthi ngubani). Bamlandela, sezwa sekudutshulwa. Kwaba umzuzwana uMroza wafika esethi umufi useshayiwe. Ngagijima ngiya lapho kodwa wayeseshonile. Ngangazi ukuthi obani abambulele. Sekufika amaphoyisa ngawatshela ukuthi umufi ngiyamazi,” kusho ufakazi.
U-Advocate Paver ubuze ukuthi kungani engawatshelanga amaphoyisa ukuthi ababulali ubabonile.
“Uma ukhuluma namaphoyisa kwakuthiwa uyimpimpi, uma uyimpimpi impilo yakho yayiba sengozini. Nami angiwatshelanga amaphoyisa ngengakubona ngoba ngangisaba,” kusho ufakazi.
Uphinde wathi wabona kubulawa ababili ngoMashi 26, 2016 ehostela.
Uthe wayemi kuveranda ngasendlini yakhe ngesikhathi ebona ababulali behlasela.
“Ngalunguza ngabona uMahliphiza (Ntshangase), Thalente (Mthethwa), Gadafi noNgcobo (okungacacanga ukuthi bangobani) beyodubula laba ababili. Ngagijima ngayongena endlini. Emva kwesikhathi saphuma endlini safica ababili bedubulekile, omunye wayeseshonile omunye ebanjwe wumfowabo opha kakhulu,” kusho ufakazi.
Uthe noma sekufike amaphoyisa akazange athi vu ngakubona.
Uqhube wathi waze waqala ukukhuluma ngalokhu akubona esethintwe ngamaphoyisa acela abhalise isitatimende ngakubona.
“Ngashayelwa ucingo amaphoyisa sengazibuyelela ekhaya athi asizobhala izitatimende ngokwenzeka. Yilapho-ke engaqala khona ukukhuluma,” kusho ufakazi.
Kulindeleke ukuba namhlanje ummeli wabasolwa aphonse ufakazi ngemibuzo kulokhu afakaze ngakho.