WAMUKELWE ngesasasa ngoLwesihlanu ezindlini zomBuso ePitoli emsebenzini wakhe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, osenguNgqongqoshe obhekele ezokuhlela ehhovisi likaMengameli wezwe kuleli.
UDkt Dlamini Zuma wamukelwe umqondisi kulo mnyango, uMpumi Mpofu nonobhala wezokuhlela, uTshediso Matona.
“Lo mnyango wenza umsebenzi obalulekile ekwenzeni isiqiniseko sokuthi uhlelo iNational Development Plan (NDP) luyakufeza elihlelelwe kona,” kusho uDkt Dlamini Zuma.
Uthe inhloso yalolu hlelo ukwenza isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika iyaphumelela ngokulandela lolu hlelo.
Lo mnyango uncome uDkt Dlamini Zuma njengomuntu onamava, abonakala ngenkathi engungqongqoshe ngaphansi koMengameli Nelson Mandela, Thabo Mbeki, Kgalema Motlanthe noJacob Zuma.
Ezinye zezikhundla akwazi ukuziphatha ngempumelelo, esokuba ungqongqoshe wezeMpilo, ezokuxhumana namazwe angaPhandle nesokuba ungqongqoshe woMnyango wezaseKhaya.
Unconywe njengomuntu oza nokunotha kolwazi kulo mnyango oluzosiza ukuba iNDP ibe yimpumelelo.
Ngo- 2012, ube ngowesifazane wokuqala ukuthi anikezwe isikhundla sokuba wusihlalo we- African Union Commission.
“Ubuye kuleli ehlonishwa kakhulu ngomsebenzi wakhe,” kusho leli hhovisi.