ZESULIWE izinyembezi zebhungu elaliwe yintombi labamba ilotto ka-R60 million wePowerball ngoJanuwari 15.
Leli bhungu laseKapa livuke ngoLwesibili lanikela emahhovisi elotto emuva kokubona ukuthi iphethe ithikithi elizoshintsha impilo yalo. Yize lilahlwe yintombi kodwa lithi akuphelile ngalo njengoba selinomthobanhliziyo wemali ozoqeda izinkinga zalo.
Yize leli thikithi le-lotto alidlala enesifiso sokuyibamba kodwa ukwaliwa intokazi ebezifela ngayo kwavele kwambhocobalisa ngalelo langa. Nokwenza wangapholisa maseko uma esebona ukuthi uhlabene wanikela khona ukuyolanda okungokwakhe.
"Angikakakholwa ukuthi ngiwine imali engaka, imali enkulu engike ngayiwina kwilotto u-R500," kusho leli bhungu lijabule.
"Intombi ebingihlala nayo beyisanda kungala ngingazizwa kahle. Ngesikhathi sengibheka imiphumela ngoLwesihlanu ebusuku bese ngihleli ngedwa endlini engasekho. Bengithi ngiyaphupha, ngangena emanzini abandayo ngageza ngaphinde ngalibhekisisa ngabona inhlanhla yami yena ubenebhadi," kusho leli bhungu eseliyinjinga.
Ubonga nokuthi abazali bakhe bamkhulise kahle futhi uzokwazi nokuzithokozisa nabo ngalemali. Ukuphenduka injinga esikhaleni uthe angeke kumdidise kodwa uzozama ukuyilondoloza ingxenye yale mali. Umsebenzi wakhe ojwayelekile ebewenza nsuku zonke uthe akazimisele nakancane ukuwushiya okwamanje.