YABOSHISWA yingozi yemoto indoda yase-Uganda eyayisifunwa amaphoyisa iminyaka emihlanu ngoba kuthiwa iqole uthisha uR1.7 million wempesheni ngo-2015.
UMnuz Bakevawano Taibu (33), unikwe ibheyili kaR5000 yinkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu. Icala lihlehliselwe uDisemba 4 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
UTaibu ubhekene namacala amabili okweba uR1.7 million noR650 000 phakathi kuka-Okthoba noNovemba 2015, amacala inkantolo ethi abucayi.
Imantshi uNksz Armu Vanitha, iyalele uTaibu ukuthi avele esiteshini samaphoyisa njalo ngoMsombuluko.
Uboshwe ngoSepthemba 3 ngemva kokuba nengozi yemoto eyamphoqa ukuthi aye esiteshini samaphoyisa eCamperdown.
Kwathi uma kupeqululwa amabhuku kwatholakala ukuthi uyindoda efunwa ngamaphoyisa.
Umshushisi, u -Advocate Nhlanhla Shange, utshele inkantolo ukuthi uTaibu useNingizimu Afrika ngokungemthetho futhi akaze avuselele izincwadi zakhe zokushayela iminyaka emihlanu.
“Waboshiswa wukuthi waya esiteshini samaphoyisa kade ebe nengozi yemoto, kwaba ukuboshwa kwakhe. UTaibu weba imali yabantu engakaze itholwe kuze kube manje,” kusho uShange.
Ummeli kaTaibu, u -Advocate Joseph Wolmarans, uthe uzimisele ukuwaphika amacala athweswe wona uma sekuqulwa icala.
Uchaze uTaibu ngokuthi ungusomabhizinisi futhi akazani namacala abekwa wona.
“Akazani nhlobo nezinto asolwa ngazo. Akayena umuntu onodlame, uqotho futhi akaze alahlwe yicala phambilini. Uyindoda yomuzi enabantwana abathathu ahlala nabo eMgungundlovu. Akazimisele ukubalekela icala uma ekhululwa ngebheyili,” kusho uWolmarans.
Amaphoyisa asola ukuthi uTaibu wayekhohlisa abantu ukuthi uma bemnika imali yabo, uzoyibuyisa isiphindwe kabili.
Uthisha okuthiwa waqolwa uTaibu, Isolezwe elixoxe naye ngoSepthemba, wathi ufuna imali yakhe nokubona uTaibu ebhadla ejele.
Wasola uTaibu ngokumlutha ngesalamuzi ukuze asule emsebenzini wobuthishela bese ethatha yonke imali yakhe yempesheni eyinika yena.