Ukuzithwasisela kwedlozi yinto ekhona. Baningi abayiphikayo ngenxa yemali. Kuthi idlozi selikuthwasisile kube khona ogobela abathi usebenza kanjani ungazange udlule ezandleni zikagobela. Ekwelapheni kwendabuko, esisafanele sikufunde wukuqonda ngedlozi nangokuthwasa nokuthwasisa. Nansi indaba ka-Aphiwe othwasiswe yidlozi waze waphothula.
“Ngangena emagobongweni ngingazelele kungekuhle nasempilweni yami. Nohambo lwami lwalulude kakhulu, akubanga lula. Kwangithatha izinyanga eziyisikhombisa ukuba ngiqale ngidle amagobongo sengihambe ogobela abaningi sifuna usizo nomama. Kodwa singasitholi isixazululo senkinga enginayo ngoba nomzimba wawusuwehle kakhulu nasesikoleni ngiphazamiseka, ngingasafundi kahle ngoba nalo liyangiphazamisa. Ogobela bonke babekubona ukuthi idlozi elingene kimi elakubo kamama, lifuna uMndiki noMndawu njengoba lalisho nakimina. Kodwa akekho ugobela owaba nesixazululo sokuthi ngizolidla kanjani ngilidliswa wubani.
Endleleni yethu sihamba sifuna usizo saze sathola ubaba Mkhize, simthola ngoKhozi FM. Sathola nendlela eya ekhaya lakhe. Isimo sami sasesisibi kakhulu, idlozi lase lingibalela izinsuku esezisele ngiphila uma ngingayenzi into eliyishoyo kimina. Safika kubaba uVVO Mkhize wasihlolela njengabo bonke abantu. Wabona ukuthi nginabantu abadala abadinga izimfanelo zabo zedlozi, okwakufanele umama azenze akangazenza zadlulela kimina. Ngabe sengimvumela ukuthi impela idlozi liyakhuluma nami, lisho nezinto elizidingayo njengamabhayi, amajazi ahlukahlukene esenginawo ngokutshelwa yilo ukuthi angibe nawo, ngisho ishoba imbala senginalo. Konke idlozi elithi liyakufuna ngiye ngazise umama bese siyakuthenga. Emva kokumazisa lokho ubaba uMkhize wabuyela washaya amathambo, wathi kuzodingeka siyogeza nomama empophomeni ngegazi lembuzi, inyongo nemisimbane yayo ukuze ugogo (uVolina) owayehlezi kumama avume ukusuka, asebenze kahle kimini akhululeke angabe esangihlupha, okusho ukuthi siyalizwa siyavuma ukuthi asebenze ngami.
Empophomeni sesiyogeza ubaba Mkhize wasithumela nomakhosi Thobeka Bhengu. Ngathi uma ngifika empophomeni ngafika sebesilindele omkhulu. Ngamazisa umakhosi ukuthi sebekhona, ngakhuluma nabo ukuthi behlise umoya sizogeza umama axolise ukuthi walibalekela idlozi ngezizathu ezithile. Naye ngokwesaba wabe esephahla sageza sahamba sabuyela eMlambomunye. Sesibuya umkhulu wakhuluma kimi wathi kuhambe kahle ebesiyokwenza empophomeni nokuthi kusukela lapho yini okufanele ngiyenze uma ngibuyela ekhaya.
Sathi uma sifika eMlambomunye esigodlweni kubaba uMkhize waphinda washaya amathambo washo ukuthi lithi idlozi akekho umuntu ophilayo ozongenzela amagobongo nozongithwasisa. Esamangele umama waphinda ubaba uMkhize wathi lithi idlozi lizozenzela lona. Kusukela lapho angilalele ukuthi lithini kimina ngenze njengoba lisho.
Empeleni wakuqinisekisa okwakushiwo yimina kumama ukuthi bathi omkhulu bazongithwasisa bona emaphusheni. Naye umama wayengayikholwa into eshiwo yimina. Emva kukababa uMkhize wakholwa.
Emasontweni amabili bakhuluma omkhulu bathi sebeyaqala ukungidlisa igobongo. Ngangilidla ngilele, ngenza konke okwenziwayo uma udla igobongo. Kodwa ngiphila njengazo zonke izingane, kuthi uma ngingayile esikoleni bathi angigcobe ibomvu (umadilika) ngigqoke namabhayi ayeshiwo yibona. Kwangithatha izinyanga ezimbili namasonto amathathu ukuthi ngiwaqede wonke la magobongo ngokulandelana kwawo:
Igobongo lesithunywa
Igobongo lamanono
Igobongo lamandiki
Igobongo lamandawu
Igobongo lesithunywa langithatha isonto elilodwa.
Igobongo lamanono langithatha amasonto amabili.
Igobongo lamandiki langithatha amasonto amane.
Igobongo lamandawu, lona langithatha amasonto amane.
Emva kwalokho kwathiwa angitshele umama ukuthi sekumele ngiphothule, banginikeza nosuku engizophothula ngalo mhla ka 8 Disemba 2018.
Sengiphothulile amagobongo bacela ukuthi bakhelwe indlu yabo, isigodlo emakhaya lapho kuzalwa khona umama.
Ngokuthi sihlala edolobheni base bethi kuzofanele sibe nendawo yabo enye futhi khona lapha esihlala khona, okusho ukuthi isigodlo esincane. Bacacisa ukuthi bafuna ngiqhubeke ngithwase kodwa uma seziphelile izigodlo abazifunayo. Sebebonile izigodlo seziphela bathi angivakashele emakhaya. Ngafika ngahlala khona. Emva kwezinsuku ezimbili bathi abasakwazi ukulinda izigodlo ziphele sebeyaqala ukungi thwasisa.”
Sizoyiqhuba ngokuzayo.