Uma kungathiwa angikhethe phakathi kwepolitiki noMampintsha benoBabes ngingakhetha lezi zithandani ngoba zenza ibhedabheda exova wonke umuntu kodwa ekugcineni ziqhubeka nomjolo wazo ongathi akukaze kwenzeke lutho.
Ngiyavuma ukuthi wayeqinisile lona owathi ipolitiki eyabantu abanamanga uma uneqiniso kufanele uhambele kude nayo ngoba ungaze ugcine usubulele abantu uthi bakwenza isilima.
MaSolezwe mina bengithi ngiyayazi ipolitiki kodwa lolu khetho esiphuma kulona lungikhombisile ukuthi ipolitiki ingakwenza isiduphunga uhlekwe yizwe lonke.
Ngokomlando sazi ukuthi osopolitiki abaqamba amanga bakhohlise abavoti kodwa kulolu khetho luka-2019 sibone osopolitiki bekhala ezimathonsi, sebegilwe abavoti ababathembise ivoti eligcine lingatholakalanga.
Kuyiqiniso esilaziyo sonke ukuthi ipolitiki ingumdlalo wokuthi osopolitiki badonse abantu ngamakhala bebathembisa igolide nesiliva.
Kuyisimanga esingakholakali ukuthi sekuphenduke kwaba abavoti abanamanga abadonsa osopolitiki ngemisila bathi bazobavotela, uma sekuvotiwe kuphume imiphumela engemihle ubone osopolitiki sebehamba bekhuluma bodwa ongathi baphanjanelwa amakhanda.
Okufike kube kubi kakhulu ngokhetho wukuthi lubhaliselwa ngemali eshisiwe, uma iqembu lingenela ukhetho lisuke lethemba ukuthi lizothola izihlalo ePhalamende ukuze kubuye nezimali ebeliziboleke komashonisa.
Okuyikhona okubuhlungu kakhulu ngendaba yokhetho wukuthi abantu bakhohlise umuntu bathi akasungule iqembu bazomvotela.
Umuntu athathe imali yakhe yokugcina yempesheni ahambe ekhankasa ethengela abantu izikibha nokudla kodwa ekugcineni athole ukuthi akavotelwa yimuntu.
Uma sekubuzwa ukuthi uxamu uwugeje kanjani umgodi, uthole ukuthi wonke umuntu uneka izandla uthi akazi ukuthi kwenzekeni ekhosombeni lokuvota.
MaSolezwe kuthiwa kuyahlekwa noma kufiwe, okaVolos wehlulekile ukubamba insini ngesikhathi amaqembu amasha ekhalaza ethi ukhetho kufanele luqalwe phansi ngoba kube nemikhonyovu.
Okuyikhona obekungihlekisa wukuthi bengibona ukuthi la maqembu angomafikizolo, awakabaqondi abavoti ukuthi bahamba nawe bakushiye ehlathini babuye baziqhubekele nempilo.
Umthetho wabavoti bayizigebengwana ezibheke phansi, uma ungazi ungathemba uthi bahamba nawe kanti kukhona izinto oziphethe abazifunayo.
Bavoti baseNingizimu Afrika! Yekani ukucasha ngesithupha ngoba niyalazi iqiniso lokuthi, nikhohlise amaqembu amasha nathi nizowavotela kodwa nagcina nivotele amaqembu amadala.
Isenzo enisenzile sibi ngoba kuyacaca ukuthi lokhu okwenzekile benikuhlelile ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi samaqembu afufusayo.
Ngikuqonda kahle ukuthi akulula ukuthi anixolele la maqembu eniwagilile nawenza izilima kodwa bengithi khombisani ukuzisola ngokuthi niwethulele lezi ngqwembe zokuvota ezichonywe emigwaqweni.
Ngikholwa wukuthi niyawuqonda umonakalo owenzekile ohambisana nezimali zokuchoma la mabhodi, nokuwehlisa kuseyimali eshisiwe ngoba kufanele kuqashwe abantu nezimoto zokuwalayisha.