ISIKHULU esiphezulu saseNedbank, uMnuz Mike Brown, siveze ukuthi owayengungqongqoshe wezokuMbiwaphansi, uMnuz Mosebenzi Zwane, wayecindeza ibhange ukuthi lithathe ama-akhawunti omndeni wakwaGupta ukuze kuvikelwe imisebenzi.
UBrown utshele ikhomishini yeJaji Raymond Zondo izolo ukuthi uZwane wacela umhlangano nezikhulu zakwaNedbank ukuze kuxoxwe ngodaba lokuhlengwa kwemisebenzi yabantu baseNingizimu Afrika ngoMeyi ka-2016.
Uthe ngesikhathi uZwane eqala umhlangano wathi amanye amabhange anqabile ukuhlangana nekomiti longqongqoshe waphinde wasabisa ngokuthi ikomiti linamandla amakhulu.
“Ngamtshela uZwane ukuthi ngeke sikhulume ngezindaba zamakhasimende ebhange kodwa yena wayelokhu efuna ukukhuluma ngodaba lwabantu bakwaGupta. Wasicela ukuthi sisebenzisane nabakwaGupta emuva kokuthi amanye amabhange evale ama-akhawunti amabhizinisi abo. Yize sasitshelwe ukuthi sizohlangana nongqongqoshe abahlukene kodwa sagcina sesibonana noZwane kuphela,” kusho uBrown.
Uthe bavala ama-akhawunti omndeni wakwaGupta nezinkampani zawo, okubalwa kuzo i-Oakbay Investments, Islandsite, Confident Concept, Sahara Computers neVR Lazer emuva kokusola ukuthi kukhona okushaya amanzi.
“Sahlangana ngo-Ephreli 6 siyikomiti lasebhange eNedbank, sasifunde imibiko yokuthi iFNB ne-Absa isiwavalile ama-akhawunti akwaGupta. Sabona ukuthi sisengozini uma singawavali ngoba sasibonile ukuthi kukhona okushaya amanzi kuwo. Sinelungelo lokuqeda ubudlelwane bethu nezaphula mthetho,” kusho uBrown.
Uthe banikeza abakwaGupta izinsuku eziwu-30 bebazisa ukuthi bazovala ama-akhawunti abo.
Njengoba izikhulu zakwamanye amabhange ziveze ukuthi zabizwa emhlanganweni oseLuthuli House, uBrown uthe neNedbank nayo yabizelwa kulo mhlangano.
“Kwakukhona owayenguNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uNkk Jessie Duarte, owayeyiPhini lakhe noMnuz Enock Godogwana, obhekelele ezomnotho kwi-ANC. Abazange basisabise kodwa bathi bafuna ukuqonda ukuthi kungani amabhange ekhethe ukuvala amabhange omndeni wakwaGupta nokuthi lesi sinyathelo sizoba namthelela muni kubatshalizimali,” kusho uBrown.
Uthe bachazela amalungu e-ANC ngemithetho yokusebenza kwamabhange nomthelela oba khona uma kunabaphula imithetho yezezimali.
Ibhange i-Absa lithi lona lasatshiswa ngokuthi izonqanyulwa inkontileka yalo uma liqhubeka nokuvala ama-akhawunti womndeni wakwaGupta.