OWAYENGUMENGAMELI we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, wabiza uMengameli Cyril Ramaphosa, ngomdayisi ngesikhathi ehlangene nobuholi be-ANC.
Lokhu kuqukethwe kwinkulumo eyethulwa uZuma kulo mhlangano, eputshuke ngeSonto ebusuku.
UZuma wahlangana nobuholi be-ANC ngasekuqaleni kukaMashi ngenhloso yokumnxenxa ukuba avume ukuyophendula imibuzo phambi kweKhomishini ephenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Le nkulumo iveza ukuthi uZuma wakhwela wadilika kuRamaphosa, emsola ngokumbukelela.
UZuma watshela lo mhlangano ukuthi wabe emanqika ngisho ukuhlangana noRamaphosa, akhala ngokuthi akenzanga lutho ngesikhathi amalungu e-ANC ePhalamende ephezu komkhankaso wokukhipha uZuma esikhundleni ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe bese kungena uRamaphosa esikhundleni.
Ngokwale nkulumo, uZuma waphinde wakhala ngesenzo sikaRamaphosa sokungaphikisi isicelo enkantolo sokuba uMbuso ungabe usazikhokhela izindleko zabameli kaZuma kuwo wonke amacala abhekene nawo.
“Lokhu kuyaphikisana nesivumelwano enganginaso noMbuso. Ukumiswa kokukhokhelwa kwezindleko zabameli bami kungithunazile kakhulu njengoba ngizithole ngibhekana noMbuso ngixhugela.”
UZuma watshela laba baholi ukuthi i-ANC imshiye dengwane, yahluleka ukumkhulumela ngesikhathi ehlaselwa ngamazwi, kuthiwa ukhohlakele.
“Namhlanje nibize lo mhlangano, hhayi ngoba nizwelana noma ninendaba nami. Kepha ingoba nakhu nifuna ukufeza izinhloso zenu. Nifuna kubonakale sengathi kukhona enikwenzayo.
“Kule minyaka esanda kudlula, i-ANC ayikakaze ingivikele ngesikhathi ngihlaselwa, kuthiwa ngalekelela umndeni wakwaGupta ukuba ulawule uMbuso. Nathula nakuba nazi kahle ukuthi le nto eshiwoyo kayisilo iqiniso.
UZuma waphinde wagxeka isinqumo esathathwa ubuholi be-ANC sokunqabela abalandeli bakhe abangamalungu ale nhlangano, ukuba bayomeseka uma evela enkantolo.
Ngokwale nkulumo enamakhasi angu-23, Isolezwe elinayo, uZuma wathi angancamela ukuboshwa kunokuyokwethula ubufakazi kwikhomishini eholwa iJaji Raymond Zondo.
“Sengisithathile isinqumo sokuthi ngingamane ngiye ejele kunokuthi ngizinikezele kwezobulungiswa ezilawulwa ipolitiki. Lokhu akusikho ukuphikisana noma ukungabulaleli ubuholi be-ANC, kepha kuwukulwela ilungelo lami lokuthola ukushushiswa ngendlela engenakuchema.”