ITHIMBA labameli baloyo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma litshele inkantolo ukuthi lihlose ukuphikisa isinqumo esithathwe umbuso ngoLwesihlanu olwedlule mayelana nokuqhutshezwa kwecala lenkohlakalo elibhekiswe kuZuma.
Lokhu kuvezwe enkantolo enkulu eMgungundlovu namhlaje ekuseni njengoba uZuma ebekade ezoshushiswa ngamacala enkohlakalo.
Efika enkantolo ngoLwesibili ekuseni ngecala ebelizothatha izinsuku ezintathu, ummeli kaZuma, u-Advocate Dan Mantsha ehambisana no-Advocate Thobani Masuku SC (Senior Counsel), bakhulume nethimba labashushisi ebekukhona kulo u-Advocate Bill Downer kanye nommeli weThales, u-Advocate Anton Katz.
Ngolwazi olucoshwe abe-Independent Media, uMantsha utshele abashushisi ukuthi bazosiphikisa lesi sinqumo futhi basadinga isikhathi ukuze bezokwazi ukuqinisekisa lokhu. UMantsha ubebuzwe abophiko lwezokushushisa ukuba aveze izinhloso zethimba lakhe njengoba bebethule izinsuku ezintathu. Ngokuqondwa kwezinto, isikhathi esidingwa yithimba likaZuma sizosetshenziswa ukubhekisisa isinqumo sangoLwesihlanu baphinde balungise amaphepha ukuze bezophikisa isinqumo.
Ngenkathi kuqedelwa lombiko, ithimba labammeli baZuma, abakwaThales kanye nabashushisi beNPA, bebenomhlangano njengoba isikhathi sokuqulwa kwecala ngo-10 ekuseni ngoLwesibili besingakashayi.
Ekhuluma nabe-Independent Media ngoMsombuluko, uProfessor Pierre de Vos, ongungoti wezomthetho ngokomthethosisekelo eNyuvesi yaseKapa, uthe amathuba kaZuma okuphumelela uma ephikisa isinqumo abukeka emancane.
“Inkinga kaMnuz Zuma izimpendulo zakhe emacaleni adlule. Eminyakeni engu-15 edlule, izinkantolo sezikushilo ukuthi izimpendulo zikaZuma azibambeki,” kuchaza uDe Vos.
UZuma ubhekene noxhaxha lwamacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali kusukela esivumelwaneni sango-1999 sokuthengwa kwezikhali phakathi kweNingizimu Afrika nenkampani iThales esabiza imali engu-R30 billion. UZuma usolwa ngokuthatha imali yokugwazela kwinkampani iThales ngokusebenzisa owayengumcebisi wakhe kwezezimali, owaboshelwa ukukhwabanisa, uSchabir Shaik.
UShaik wakhululwa ngoshwele wesizathu sokugula ngo-2009 emuva kokuhlala iminyaka emibili nezinyanga ezine ejele yize wayegwetshwe iminyaka engu-15. UShaik waboshelwa icala lenkohlakalo ngo-2005.