UMnunz Jacob Zuma ogcine esulile kwesobumengameli izolo ebusuku. Isithombe: Siphiwe Sibeko/Reuters
LUGCINE lugobile uphondo kobengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma osule ekhononda izolo njengoba ethi akahambisani nesinqumo sokuthi akhonjwe indlela.

UZuma usule izolo ebusuku ngemuva kokuba isigungu esiphezulu se-ANC sinqume ukumhoxisa kuhulumeni.

“Nginqume ukuthi ngisule njengomengameli wezwe noma ngingahambisani nesinqumo sobuholi sokungehlisa esikhundleni. Ngizoqhubeka ngiyisebenzela i-ANC, akekho umntu okumele alimale noma alahlekelwe yimpilo ngoba eseka mina. Kanjalo akumele kube nalabo abazohlukanisa inhlangano besebenzisa igama lami,” kusho uZuma izolo ezindlini zoMbuso ePitoli.

Inkulumo kaZuma ibigcwele ukubalisa.

“Angikwesabi ukukhishwa ngevoti lokungabuthembi ubuholi bami. Angikwesabi ukulahlekelwa upoyinandi nazo zonke izinto ebezihambisana nokuba wumengameli,” kusho uZuma.

Uthe wajoyina umzabalazo ngoba efuna ukusebenzela abantu hhayi ngoba wayebheke izinto ezithile.

IPhini likaNobhala-jikelele we-ANC uNksz Jessie Duarte, uthe unethemba lokuthi uZuma uzoqhubeka asebenzele i-ANC.

“Ungomunye wabahlala isikhathi eside noMnuz Oliver Tambo. Waqala KwaZulu-Natal wakhula waze wafinyelela ekubeni ngumengameli wezwe. Ushiye umlando omuhle njengoba kunomqulu wokuthuthukisa izwe.”

INingizimu Afrika izoba nomengameli omusha kusasa njengoba uZuma esesulile futhi kwethulwe nenkulumo yesizwe bese kwethulwa isabelomali ngoLwesithathu oluzayo.

USotshwebhu we-ANC ePhalamende, uMnuz Jackson Mthembu, uthe kuzoba nomengameli obambile ozothula inkulumo yesizwe.

Uthe ngokohlelo lwabo bazoba nezithangami ezimbili ngoLwesihlanu - esokuqala esokuqokwa kukamengameli omusha wezwe nokufungiswa kwakhe yiNhloko yamajaji uChief Justice Mogoeng Mogoeng noma elinye ijaji elijutshiwe.

Isithangami sesibili esokwethulwa kwenkulumo yesizwe kamengameli omusha.

“NgoMsombuluko amalungu ePhalamende azonikwa ithuba lokubuza ngenkulumo kamengameli omusha. NgoLwesibili uzophendula bese ngoLwesithathu siba nesabelomali.”