OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma usehoxile ekufakazeni kwiKhomishini kaZondo ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
Abameli bakaZuma ngoLwesihlanu bazise ikhomishini kaZondo ukuthi ngeke esaqhubeka nokuphendula imibuzo ahlatshwa ngayo kule khomishini ngoba akuhlukile nokuthi usequliswa icala.
UZuma uqale ukufakaza kule khomishini ngoMsombuluko lapho aveza khona ukuthi ukuba kwakhe kule khomishini kuyingxenye yetulo elidala lokudicilelwa kwesithunzi sakhe. UZuma akavelanga kwikhomishini ngoLwesine kulandela ukukhalaza kwakhe nabameli bakhe ngendlela abebuzwa ngayo imibuzo ummeli wekhomishini ohola ubufakazi, u-Advocate Paul Pretorius.
NgoLwesihlanu uAdvocate Muzi Sikhakhane ukhalaze ngokuthi uZuma ngesikhathi ebizelwa kwikhomishini kwakungabekwanga mibandela, kodwa uma esefakaza waziswe ukuthi kumele aphendule yonke imibuzo, ngisho nethinta izingxoxo ayengoyona ingxenye yazo.
Abameli baZuma baphinde bakhalaza ngokubuzwa kukaZuma ngemigudu elandelwa umengameli uma eqoka abantu ezikhundleni zobumengameli. Naye uZuma wakhalaza ngalokhu wathi kuthinta izinto zangaphakathi kwi-ANC abengafisi ukuthi akhulume ngazo.
FUNDA:
NgoLwesihlanu ummeli kaZuma uSikhakhane ukhalaze ngokuthi kusukela amanywa kule khomishini uZuma uphathiswa okomsolwa.
Ukusho lokhu ephawula ngencwadi ayithola ivela kubameli bekhomishini becela uZuma ukuthi ababhalele aphendule ngasolwa ngakho ngowayeyisikhulu sezokukhangisa eBosasa, uMnuz Angelo Agrizzi. USikhakhane uthe le ncwadi ikubeka kube sobala ukuthi uZuma uphathiswa okomsolwa.
Uthe ngeke bavume ukuba sesimeni esingahlukile nokuthi baphelezela abammele babheke ejele. Ukuhoxa kukaZuma kuchaza ukuthi ikhomishini kungenzeka iphoqeleke ukuthi ishicilelle incwadi emphoqayo ukuthi azofakaza. USikhakhane uthe bazolufaka enkantolo lolu daba uma kunesidingo ngoba kuwumsebenzi wakhe ukuvikela uZuma. Uphinde wakhumbuza ikhomishini ukuthi kumele iphathe bonke abantu ngendlela efanayo.