OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma, usola uhulumeni ngokulaxaza nokunganakekeli umuzi wakhe ekubeni kuwumsebenzi. Ukhononda ngokuthi abusagundwa utshani, nezinye izinto eziningi azisalungiswa wathi kubeka ukuphepha kwakhe engcupheni.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi emzini kaZuma, esigodini saKwaNxamalala, eNkandla, azisaphungulwa izihlahla nesikhotha asisacentwa futhi sekuzanywe kaningi ukuxhumana nezikhulu zikahulumeni kodwa kufana nokuthela amanzi emhlane wedada. Udukathole womuzi kaZuma owakhiwe ngokwesitayela sesintu, wake waba sematheni kukhalwa ngokuthi kuchithwe izizumbulu zemali yombuso wakhiwa.
Leli phephandaba lithole ukuthi sekusiza abathile abazwelana noZuma bayolungisa bahlanze umuzi wakhe. Kuthiwa izolo bekukhona abeConstruction, Mining, Engineering& Energy Workers Union (COOMEWU) bezofaka isandla.
Okhulumela uZuma, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe yena qobo lwakhe usekhulume isikhathi kaningi noNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi uNkk Patricia de Lille, emcela ukuba asukumele udaba.
“ Umuzi kaZuma ungena ngaphansi kwezikhungo zikahulumeni ezimqoka lokhu kusho ukuthi kufanele unakekelwe yiwo. Kumanje isimo somuzi sikufikisela ngamahloni, angikwazi ukuchaza kakhulu okunye ngoba kuthinta ezokuphepha. Sengixoxisene kakhulu nongqongqoshe, uvele enze sengathi uyezwa athi kuzolungiswa, kuphele kanjalo,’’ kusho uManyi.
Uthe bayasola ukuthi kukhona ipolitiki edlalwayo kulolu daba.
Okhulumela uNgqongqoshe, uNksz Zara Nicholson uthe bayalwazi udaba futhi baphezu kwalo bayaluhlelela. Uthe akulona iqiniso ukuthi bawulaxazile umuzi kaZuma.
“UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi yiwona owenza umsebenzi wezokuphepha emzini kaZuma eNkandla, njengokomyalelo wekhabinethi ngo-2003. NgoMashi 10 kulo nyaka oyibamba loMqondisi -Jikelele uMnuz Imtial Fazel, uke waya kwaZuma ephelezelwa esinye isikhulu sehhovisi likamengameli. Kumanje kukhona imizamo eyenziwayo ethinta ezokuphepha, akulona iqiniso ukuthi umuzi ulaxaziwe,’’ kusho uNksz Nicholson.