IKHOMISHINI yamalungelo abantu ithole igunya lokuvimbela uMnuz Edward Zuma, indodana yowayenguMengameli ukuthi angaphinde enze inkulumo noma izitatimende ezingadala uhlevana emphakathini.
UZuma izolo ubevele enkantolo yezokuLingana eThekwini lapho elahlwe khona ngamacala okuhlambalaza, wayalelwa ukuthi axolise ngokubiza uMnuz Pravin Gordhan ngomdayisi, ngonyaka odlule. UZuma uphinde wayalelwa ukuthi akhokhe inhlawulo kaR60 000.
Umyalelo ophumile ulandela isivumelwano esenziwe nguZuma nenkantolo izolo.
Encwadini evulelekile ngoJulayi ngonyaka odlule, uZuma wahlasela uMnuz Derek Hanekom noGordhan wababiza ngabadayisi nabeseki bosomabhizinisi abamhlophe.
UZuma wachaza uGordhan njengeqabane elikhohlakele kwi-ANC, elicabanga ukuthi amalungu kaKhongolose amnyama afanelwe ukusebenza emapulazini atshale umoba.
Wabe esebiza uHanekom nge-Askari elimhlophe nenja eqeqeshelwe ukucindezela abantu abamnyama.
Ngaleso sikhathi uyise wayesanda kukhomba indlela uHanekom noGordhan.
UHanekom noGordhan bobabili babuyiswa nguMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.
Ikhomishana yamalungelo yakhipha umyalelo othi inkulumo kaZuma isusa uhlevana.
Inkantolo inqume ukuthi uma uZuma engawuthobeli umyalelo wenkantolo uzothathelwa izinyathelo.