Former president Jacob Zuma File picture: Elmond Jiyane / GCIS Former president Jacob Zuma File picture: Elmond Jiyane / GCIS
OBENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma ufuna ukuthatha isikhathi eside ngaphambi kokuthi aye nkantolo njengoba ummeli wakhe efuna ukuyobuza ukuthi kungani uphiko lwezokushushisa lumyisa enkantolo manje.
Lokhu kushiwo wungoti wezomthetho uMnuz Paul Hoffman othe ummeli kaZuma, u-adv Michael Hulley uzobuza ukuthi kungani ikhasimende lakhe lishushiswa.
UZuma unikwe amasamanisi okuthi avele enkantolo enkulu yaseThekwini ngo-Ephreli 6.
Ubhekene namacala ahlangasa inkohlakalo, ukushushumbisa imali nokukhwabanisa athinta uhlelo lokuthengwa kwezikhali.
Uhulumeni uzokhokha izindleko zikaZuma uma ewanqoba amacala kodwa uma emgojela kufanele azikhokhele yena.
"UZuma uneminyaka engu-75 akafuni ukungena enkantolo. Izinhlelo azenzayo zokubuza ukuthi kungani eshushiswa manje zisho ukuthi liyothi liqulwa icala ebe eseshonile," kusho uHoffman.
UMqondisi weCorruption Watch, uMnuz David Lewis ukholwa wukuthi uZuma ubekumisa ngamabomu ukushushiswa kwakhe ngokusebenzisana izinhlaka zombuso," kusho uLewis.
UHoffman uthe uZuma uzobuza ukuthi kungani iNhloko yezokuShushisa u-adv Shaun Abrahams yabiza isithangami sabezindaba esikhundleni sokwazisa yena ukuthi amacala asebuyile kodwa azise umphakathi.
"Uzobufuna ukubheka ukuthi isinqumo sika-Abrahams sisemthethweni yini nokuthi kungani kuthathwe isinqumo sokuthi ashushiswe manje. Lokhu kuzothatha isikhathi eside," kusho uHoffman.
Isazi somthethosisekelo uSolwazi Pierre de Vos uthe, abameli bakaZuma bazowaphikisa amasamanisi ukuze angayi koqula icala.
UHulley akazange aphendule imibuzo athunyelelwe yona yokuthi isicelo sakhe sizothini enkantolo.
UDe Vos uthe uHulley akafuni ukukhuluma nabezindaba ngoba ufuna ukutshela inkantolo ukuthi ihoxise amacala kaZuma ngenxa yokuthi ithathe isikhathi eside ukuba imshushise.
"Uma uZuma ekwazi ukuqasha abameli azophikisa isinqumo senkantolo kusho ukuthi uhulumeni uzomosha imali eningi. Uma unemali ungalokhu ufaka izicelo eziningi enkantolo bese icala lidonsa iminyaka eminingi," kusho uDe Vos.