UMENGAMELI Jacob Zuma usefake incwadi eNkantolo eveza ukuthi ufuna kubuyekezwe isinqumo sokunikezwa kwePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa igunya lokuthi aqoke uMqondisi woPhiko lwezokuShushiswa ozovala isikhala sikaMnuz Shaun Abrahams.
Ngesonto eledlule iNkantolo eNkulu eGauteng yanquma ukuthi ukuqashwa kuka-Abrahams njengomqondisi kwakungekho emthethweni futhi kumele asuswe esikhundleni kubekwe omunye ezinsukwini ezingu-60. Inkantolo yanquma ukuthi iNhloko entsha kumele ibekwe uRamaphosa.
Ijaji uDunstan Mlambo laveza lokhu ngesikhathi linquma ukuthi ukushiya kowayengumqondisi ngaphambilini, uMnuz Mxolisi Nxasana, kwakungekho emthethweni, nokuchaza ukuthi ukuqashwa kuka Abrahams kufana nento engekho.
UMlambo unikeze uRamaphosa igunya lokuthi aqoke ozothatha lo msebenzi ngoba uZuma kusamele kuphume isinqumo ngaye kuPhiko lwezokuShushiswa odabeni lwezinsolo ngenkohlakalo nokuthi kumele abekwe yini icala ngazo.
Encwadini yakhe uZuma uthi akukho emthethweni ukuthi inkantolo idlulisele komunye umuntu amandla akhe okuqoka iNhloko yoPhiko lwezokuShushiswa.
NgoLwesithathu uZuma izinto zimphikile enkantolo njengoba uJaji Mlambo emgxekile ngokumosha isikhathi odabeni lokubekwa kwekhomishini ezophenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana kuleli njengokwesiphakamiso esabekwa ngowayenguMvikeli Womphakathi kuleli, u-Adv Thulu Madonsela.
UZuma unikezwe umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-30 ukuthi asungule le khomishini.
Nakuyo, uMlambo uthe ngoba uZuma uyathinteka kumbiko owethulwa uMvikeli Womphakathi, amandla akhe okuthi aqoke iJaji elizoba usihlalo wekhomishini anikezwe iNhloko yamaJaji uChief Justice Mogoeng Mogoeng.