UMENGAMELI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi i-ANC iyohamba isindela uMnuz Jacob Zuma noMnuz Ace Magashule, ngokunqoba umkhandlu waseThekwini.
UMalema usho lokhu ekhuluma nabezindaba eGoli, ngoLwesine, lapho aveze khona nokuthi usecele abameli beqembu lakhe ukuthi baphenye ukuthi awukho yini umthetho ophuliwe ngoLwesithathu ngesikhathi kuvotelwa imeya njengoba umholi we-ABC ehlabane ngesikhundla sikasekela meya.
UMalema ubuze sakuqhosha ukuthi yini ezuzwe wumengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngesikhathi sezingxoxo ngokubambisana phakathi kwamaqembu komasipala?
“UZuma no-Ace abangene ezingxoxweni zaseThekwini bakhulumela i-ANC banqoba. Abantu beRET. Ubekuphi uCR17? Ubekuphi uMengameli we-ANC ngesikhathi kwenzeka konke lokhu? UDD (Mabuza) uzamile ukusithinta bakithi kodwa samziba, ngoba akanamandla uyiphini likamengameli nje. UCyril akazamanga kodwa ngoba inhloso yakhe ukubulala i-ANC. Zibuzeni ukuthi wenzeni uRamaphosa ukuhlenga i-ANC?” usho kanje.
Kulesi sithangani uMalema uphinde wagcizelela ukuthi akukho ukubambisana phakathi kwabo namanye amaqembu. Uthe ukuvota nelinye iqembu akusho ukuthi sekukhona isivumelwano sokubambisana phakathi kwabo nalawo maqembu.
“Ngaleyo ndlela ngiyavumelana nomholi we-DA onganawo u-matric. I-DA ayisikweleti lutho, nathi asiyikweletu lutho. Ngeke sibe namhlangano ne-DA ngomasipala eminyakeni ehlanu ezayo. Uma uHerman Mashaba (umholi we-Action SA) efuna ukuhlangana abonisane ne-DA, angakwenza lokho kodwa thina akukho okuzosihlanganisa ne-DA komasipala,” kusho uMalema.