OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma. Isithombe: SIPHIWE SIBEKO/ REUTERS

USOTSWEBHU we-ANC ePhalamende, uMnuz Jackson Mthembu, uthi kumele ziphakanyelwe izinsolo 'ngetulo' lokuketulwa kukamengameli weqembu uMnuz Cyril Ramaphosa okubikwe ngazo ngempelasonto. 

Ngokombiko ophume ephepheni lesiNgisi langeSonto, kuthiwa obengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, uba nemihlangano esesithe nalabo ababemeseka okubalwa kubo uNobhala-jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, Mnuz Supra Mahumapelo obenguNdunankulu waseNorth West, uMnuz Thanduxolo Sabelo, Nksz Dudu Myeni nabanye ngenhloso yokuketula uRamaphosa.

Ngokombiko kuthiwa uZuma nalaba baholi bake bahlangana ehhotela laseThekwini, iMaharani. Iphephandaba lize lakhipha nesithombe esiveza uZuma, Mahumapelo noMagashule.

"Leli tulo elisolwayo, ngeshwa elimbandakanya noNobhala we-ANC uMnuz Ace Magashule, lidicilela phansi imizamo yobumbano ku-ANC," kusho uMthembu ngeSonto.

Uqhube wathi labo abasolwa ngokuthinteka kuleli tulo badicilela phansi umkhankaso we-ANC njengoba kubhekwe okhethweni luka 2019.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba izolo, unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo uSabelo uzichithile lezi zinsolo wathi zihlose ukungcolisa igama lakhe njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha be-ANCYL kuzwelonke ngo-Okthoba.

“Ngiwufundile umbiko wephephandaba okhuluma ngomhlangano lapho kuthiwa bekwakhiwa itulo lokuketula umengameli uRamaphosa. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi angikaze ngibe yingxenye yalowo mhlangano futhi angisiyo ingxenye yetulo lokuketula umengameli we-ANC nezwe. Nginobudlelwano obuhle nomengameli angisoze ngaba yingxenye yetulo lokumketula,” kusho uSabelo.

Uthe ukholwa wukuthi inhloso yalo mbiko wukuzama ukungxolisa igama lakhe ukuze intsha ingamethembi njengoba beya engquqngqutheleni.

USabelo uphakanyiselwe esikhundleni sokuba ngumengameli we-ANCYL njengoba lolu phiko luya engqungqutheleni. Isikhundla usibanga noMnuz Reggie Nkabinde.

USabelo waseMbumbulu uthwelwe ngeqoma njengoba esekwa yizifundazwe ezinkulu kunazo zonke ezweni, iKZN neMpumalanga emkhankasweni wakhe wokuhola intsha.

I-ANC Women's League nayo ngesonto ikhiphe isitatimende ichitha umbiko ngetulo. 

"Sekusondele ukhetho lwango-2019, izintatheli ezifana noQaanitah noJeff asezikhohlwe yimigomo elawula izintatheli zizoqinisa izindaba ezingelona iqiniso njengendlela yokuhlukanisa i-ANC," kusho uNobhala-jikelele we-ANCWL uNkk Meokgo Matuba, naye igama lakhe elibandakanyiwe kumbiko wephephandaba langeSonto,