OSIBHINCAMAKHA-SANA bathi uMengameli wezwe UMnuz Jacob Zuma usedlulisele imibandela yakhe ezikhulwini eziphezulu ze-ANC adinga ukuthi ifezwe ukuze ehle esikhundleni.
Ngokwephephandaba iMail & Gurdian, uZuma uthe ucela ukuthi uma ehla esikhundleni kubambe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma njengomengameli wesikhashana.
Uphakamise nokuthi kugcinwe ongqongqoshe ayebaqokile uMnuz David Mahlobo ophethe ezaMandla noMnuz Bongani Bongo ophethe ezobuNhloli.
Omunye umthombo ongaphakathi enhlanganweni ohlala esigungwini esiphezulu, uthe uMengameli wayo omusha uMnuz Cryil Ramaphosa akayizwa kahle eyalezi ziphakamiso.
Uthe kuzoba nzima ukuthi kugcinwe uMahlobo njengoba kunomsindo mayelana nesivumelwano senuzi.
Kuthiwa uRamaphosa uyaphikisana nokubamba kukaDkt Dlamini Zuma kodwa uphakamise amagama amabili, elikaNkk Baleka Mbete onguSomlomo wePhalamende, noNksz Lindiwe Sisulu ophethe ezokuHlaliswa koMphakathi kuzwelonke.
Kuthiwa ziyaqhubeka izingxoxo phakathi kukaZuma noRamaphosa.
"Okwamanje kusengongaphansi nongaphezulu kodwa kuzocaca kahle uma sekukhethwe ikomiti lokusebenza kuzwelonke emhlanganweni olandelayo wesigungu esiphezulu," kusho umthombo.
Ngasekuqaleni kwesonto irandi like lasimama emuva kokusabalala kwemibiko ethi uZuma angase ahoxe esikhundleni kodwa amathe abuyela kwasifuba sekuvela ukuthi lolu daba aluthintwanga emhlanganweni wesigungu esiphezulu.