OBENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma usephinde wazithola ekolunye utaku lwezomthetho njengoba inkantolo isinqume ukuthi akhokhele izindleko zecala lokuphikisa umbiko wowayenguMvikeli womphakathi u-Advocate Thuli Madonsela.
INkantolo eNkulu yaseGauteng ngoLwesihlanu inqume ukuthi uZuma awukhokhe yena uR10 million wezindleko zokulalelwa kwalolu daba.
Kuphuma lesi sinqumo nje, kuvele kulindwe esinye njengOba iDA ne-EFF beyise uZuma enkantolo befuna azikhokhele yena izindleko zamacala okukhwabanisa abhekene nawo.
IDA ne-Economic Freedom Fighters (EFF) bafake icala enkantolo ngoba befuna uZuma akhokhe uR15.3 million osusetshenzisiwe emacaleni akhe.
Le mali isetshenziswe kusukela ngo-2006 ngesikhathi kushushiswa uZuma ngodaba lwama-spy tapes.
UMmeli weDA u-Adv Sean Rosenberg uthe kushushiswa uZuma hhayi umbuso ngakho uhulumeni akufanele akhokhele abameli bakhe.
Inkantolo yazise uZuma ukuthi akelulekwanga kahle ngesikhathi aziswa ukuthi kumele aphikise umbiko woMvikeli Womphakathi, u-Adv Thuli Madonsela, ngokulawulwa koMbuso yidlanzana. Ngokwamaphepha asenkantolo ukwenza lokhu kwadla imali kahulumeni ebalelwa kuR10 million.
Ummeli kaZuma, u-Adv Muzi Sikhakhane uthe uZuma kwakumele awuphikise (appeal) umbiko kaMadonsela ukuze abe nesiqinisekiso ngokuthi ziphusile izincomo ayeziphakamisa kuwo. USikhakhane uthe bazosiphikisa isamba semali okufanele ikhokhwe ngoba babona kufanele akhokhe engaphansi kwale.
UZuma kulindele abuyele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngokuphela kwale nyanga esebhekene namacala enkohlakalo yokuthengwa kwezikhali.