OWAYENGUMENGAMELI uMnuz Jacob Zuma kulindeleke ukuthi avele kwiKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana yize ekhathazekile ngoSihlalo wayo uJaji Raymond Zondo.
UZuma usabise ngokuthi uzofaka isicelo sokuba ijaji lingabe lisaqhubeka nokulalela ubufakazi bakhe. Ummeli kaZuma, uMnuz Eric Mabuza, uthe uzosifaka namhlanje isicelo.
NgoLwesihlanu umabhalane wekhomishini, uSolwazi Itumeleng Mosala, umemezele ukuthi amasamanisi abizela uZuma kule khomishini akhishwa ngenyanga edlule ayiswa emzini kaZuma eNkandla.
UZuma udingeka kwikhomishini ngo-10 ekuseni phakathi koMsombuluko nongoLwesihlanu.
“Kwabekwa kwacaca ukuthi uma uZuma ehlela ukuba akhulume evele kwi-video ayikho inkinga ngoba uzobe ehloniphe umyalelo wokuba azovela kwikhomishini,” kusho uSolwazi Mosala.
Uthe uZuma, akakaze aphendule noma atshele ummeli wakhe ukuthi uzokwenzenjani ngamasamanisi.