USENGCUPHENI yokuthi aye ezikhindini uMnuz Edward Zuma, oyindodana yobengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma.
Lokhu kungenzeka uma uZuma ehluleka ukukhokha uR12 500, oyingxenye yenhlawulo anikwa yona yinkantolo ngemuva kokulahlwa icala lokudelela abaholi ababili be-ANC uMnuz Pravin Gordhan noMnuz Derek Hanekom.
IKhomishini yamaLungelo ngoLwesibili iphindele eNkantolo yezokuLingana eThekwini lapho ibifuna kulalelwe isicelo esifake ngoNovemba 18, ifuna uZuma abekwe icala lokudelela inkantolo. “NgoLwesibili udaba belusenkantolo mayelana nesicelo sokuba uZuma abekwe icala lokudelela inkantolo,” kusho uTanuja Munoo weKhomishini.
Ikhomishini yafaka uZuma enkantolo ngemuva kokuthi abhala incwadi ehlasela esidlangalaleni uGordhan noHanekom ngoJuni nyakenye, ebasola ngokungamfuni uyise.
Phambilini ikhomishini ibifuna ukuthi uZuma ahlawuliswe uR100 000, bese uyathathwa kuyonikelwa ngawo esikoleni, Umthombo Secondary eHowick.
Ngemuva kokuthi uZuma avuma ukuthi wenza iphutha, izinhlangothi zombili zibe sezivumelana ngokuthi kumele akhokhe uR60 000, obuzohlukaniswa kabili njengoba uR30 000, ubuzonikwa isikole Ohlange eNanda, kuthi omunye uR30 000, unikwe Umthombo.
Ikhomishini itshele inkantolo ukuthi nakuba uZuma bekumele akhokhe uR30 000, obuzoya Ohlange kodwa kusamele akhiphe noR12 500.
Inkantolo phambilini yakhipha umyalelo othi uZuma kumele akhokhe inhlawulo bese eyabhala axolise kuGordhan noHanekom.
UMunoo uthe uZuma usexolisile, wengeza ngokuthi sekusele ukuthi akhokhe inhlawulo.
Icala lihlehliselwe uJanuwari 12.