Uzochitha impelasonto yonke ethothoza esitokisini unkosikazi yalowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali kuleli, uMnuz Malusi Gigaba, ngenxa yokuthinteka ekulimazeni impahla nokwehlisa isithunzi.
UNkk Norma Gigaba ulale ebaliwe izolo esiteshini samaphoyisa iBrooklyn, ePretoria emuva kokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngezithuba zabo6 ntambama.
Ngokusho komthombo we-Independent Media osondelene nomndeni, uNkk Gigaba (40) uphenywa ngokulimaza imoto yohlobo lweMercedes Benz G-Wagon, okuthiwa ngekamyeni wakhe.
Owesifazane, owaziwa kuphela ngelikaSibongile, uchaze isimo njengesishubile. Kubikwa ukuthi impi yamazwi iqubuke phakathi kwephoyisa nomngani kaNkk Gigaba, okukholakala ukuthi wumshushisi.
Okhulumela uphiko loKlebe, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, ukuqinisekisile ukuboshwa kukaNkk Gigaba futhi wathi ubekwe icala lokulimaza impahla nelokuchapha ngenhlamba.
Eqhuba uthe kulindeleke ukuba kwengezwe amanye amacala. "Lolu udaba loKlebe kuningi ngalo ngaphezu kokuba abantu becabanga kodwa ngeke senabe kakhulu okwamanje. Lolu daba ludluliselwe kuthina futhi bekunophenyo. Lena kuseyingxenye yophenyo, kunezinye izindaba ezinzima kakhulu esiziphenyayo," kusho uMulaudzi.
Uthe usazogcinwa esitokisini ngoba kukhishwe incwadi yokuba aboshwe.
"Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseHatfield ngoMsombuluko," kuphetha uMulaudzi.