USIHLALO wenhlangano elwa nokwebiwa kwemfuyo iNkanyamba, uMnuz Tallman Zuma ufuna kube nezinkantolo ezibhekele amacala emfuyo. UZuma usho lokhu ngemva kokuboshwa kowesilisa (35) osolwa ngokweba imfuyo nokuzama ukuwagwazela ngoR3000.
UZuma uncome amaphoyisa ngokubopha le ndoda wathi umsebenzi wawo awufanele uphelele esithubeni kodwa kufanele agwetshwe kanzima owebe imfuyo.
“Siyawabonga amaphoyisa abophe indoda eyebe imfuyo ngoba kulezi zinsuku abantu bayafa ngenxa yokwebiwa kwemfuyo. Ukube amaphoyisa asebenza njengalawa aseMgungundlovu, ngabe asinazo izigameko ezifana nezaseZwelibomvu ngaKwaNdengezi lapho kubulawe abasolwa ngokweba imfuyo,” kusho uZuma.
Uqhube wathi akusikhona eZwelibomvu kuphela lapho kufa abantu ngenxa yokwebiwa kwemfuyo kodwa naseWeenen nakoVolkrust uyabizwa ngenxa yamacala emfuyo.
“Sidinga izinkantolo ezibhekele amacala emfuyo ngoba amaphoyisa afike ambophe umuntu bese inkantolo imshaya ngoswazi oluncane. Sifuna bagwetshwe kanzima abeba imfuyo ukuze nabasacabanga ukwenza lobu bugebengu bangalokothi baqale,” kusho uZuma.
UColonel Thembeka Mbele wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa ophiko lwemfuyo aseMgungundlovu ehambisana nakaMasipala weTheku, abophe indoda (35) ngoLwesihlanu emuva kokuthi izame ukuwagwazeka ngoR3 000.
Kuthiwa le ndoda ibifunwa ngecala lokwebiwa kwezimbuzi eMlaza ngoSepthemba 24.
“Amaphoyisa agasele kwa-U eMlaza ehambisana namaphoyisa kaMasipala weTheku. Athole lo wesilisa nezimbuzi eziwu-31. Uzame ukuwagwazela ngoR3 000 wacela nokuthi izimbuzi zidedelwe kodwa bambopha. Ubhekene necala lokuzama ukugwazela amaphoyisa nelokweba imfuyo. Uzovela enkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngo-Okthoba 12 (namhlanje),” kusho uColonel Mbele.