UZOQALA ngeSonto elizayo umhlangano wokuqoka umholi omusha webandla lamaRoma aKhatholika.
Image: Filippo MONTEFORTE / AFP
UZOQALA ngeSonto elizayo umhlangano wokuqoka umholi omusha webandla lamaRoma aKhatholika.
Umhlangano wokuqoka umholi omusha uzoqala ngoMsombuluko, akwaziwa ukuthi uzodonsa kuze kube nini.
Lokhu kumenyezelwe yikomkhulu lebandla, iVatican.
Okhulumela iVatican, Matteo Bruni, uthe abefundisi bazoqala ngomthandazo ozokuba seSt Peter's Basilica, e-Italy.
Uthe emva kwalokho kuzokube sekungena umhlangano wokuqoka umholi webandla ozokuba se-Sistine Chapel.
Umhlangano wokuqoka umholi webandla uzohanjelwa abefundisi ababalelwa ku-135.
Munye umfundisi oqhamuka eNingizimu Afrika ozokuba yingxenye yomhlangano, okunguCardinal Stephen Brislin, waseGoli.
Uhlelo lokuqoka umholi omusha kulindeleke ukuthi luthathe izinsuku njengoba bebaningi abefundisi abazovota.
Ozoqokwa kufanele athole isibalo samavoti angaphezu kuka-66%.
Uma engathola isibalo esanele samavoti kuzophinde kuqalwe phansi.
Bangu-15 abefundisi okuzoqokwa kubona.
Kuvele sekuqalile ukuqagela ngegama lozongena esikhundleni.
Kukhona abaphusha umkhankaso wokuthi isikhundla sinikezwe umuntu omnyama, okungaba yingqophamalndo njengoba leli bandla lingakaze liphathwe wumuntu omnyama.
Abefundisi abamnyama abasethubeni lokukhethwa, nguCardinal Peter Turkson (76), waseGhana, noCardinal Robert Sarah (79), waseGuinea.
Abanye baphakamisa igama likaCardinal Luis Antonio Tagle, oqhamuka ezwenikazi i-Asia.
Nakho ukuqokwa kukaTagle kungaba yingqophamlando njengoba engakaze abe khona umholi webandla oqhamuka e-Asia.
Izinkumbi zabantu zizobe zilinde ngaphandle komhlangano ukuzwa ukuthi useqokiwe yini umholi omusha.
Isikhundla somholi webandla sivuleke emva kokushona kukaPope Francis, owashona emasontweni amabili edlule.
UFrancis washona emva kokuxinwa wukugula, ungcwatshwe ngoMgqibelo.
Umngcwabo wakhe wawuhanjelwe yizinkumbi zabantu eziqhamuka emhlabeni wonke, bekunezinkonzo zokumkhumbula nakwezinye izindawo.
Related Topics: