UZOQHUBEKA nomsebenzi ekhaya uNgqongqoshe wezokuMbiwaphansi nezaMandla uMnuz Gwede Mantashe izolo othole ukuthi uhaqeke ngeCovid-19 nenkosikazi yakhe uNolwandle.
Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe yihhovisi likamengameli ngoLwesibili. UMantashe kuthiwa ubesehlolwe kathathu ukuqinisekisa ukuthi usulelekile ngaleli gciwane.
"UNgqongqoshe uMantashe noNkk Mantashe bazivalele njengamanje kanti uNgongqoshe uzoqhubeka nomsebenzi wakhe ekhaya. UMantashe uzinikele ekuqinisekiseni ukuthi ihamba kahle imikhiqizo kagesi nowoyelakuleli futhi iyafinyelela emphakathini kulesi sikhathi esinzima nesizayo," kusho isitatimende.
UMantashe uyalele bonke abasebenza ehhovisi lakhe ukuthi bayohlolela iCovid-19.
"Sifisa alulame ngokushesha uNgqongqoshe nomkakhe, sizifisela okufanayo nezinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika ezihaqwe yiCoronavirus."
Ihhovisi likamengameli ligqugquzele abantu bakuleli ukuthi baqhubeke balandele imigomo ebekwe yiWHO yokuzivikela kwiCovid-19.