UMFUNDISI uSthembiso Zondo uzoba yingxenye yamadodoa azoqinisa ukhakhayi lwabesilisa abasebancane embizweni yamadoda, Inkunzi Isematholeni ezobanjelwa eMgungundlovu City Hall, ngoLwesihlanu
Ekhuluma neSolezwe, uZondo uthe inhloso yale mbizo ekungenwa kuyo mahhala, ukukhulisa abafana babe ngamadoda.
Uthe izimbizo ezifana nalezi zibalulekile njengoba iningi le ingane zikhule emakhaya oyise bengekho.
" Imbizo efana nalena kumele yenziwe kuzo zonke izindawo. Kungake kwehle izinga lokudlwengula, elokuhlukumeza abantu besifazane, kunciphe nezigebengu. Igotshwa isemanzi, yingakho kule mbizo kumenye amadoda anohlonze ukuthi azoqinisa izingane ukhakhayi," kusho uZondo.
Uqhube wathi kunzima ukuthi ukwazi ukuhlukanisa okulungine nokungalungile uma ukhule ekhaya ungakhuzwa futhi ungathethiswa.
"Inkinga isuka emakhaya. Uma ukhule ekhaya lingekho ikhehla olisabayo ukuthi lizokuthethisa, uzophumela emnyango wenze umonakalo. Uzokona umuntu wesifazane kugcine kuxolise yena kuwena ngoba wena awusiboni isidingo sokuxolisa.Ubona amadoda emancane emasontweni, abalekelwa ukutshelwa umfundisi," kusho uZondo.
Unxuse abesilisa abasebancane ukuthi bafike ngobuningi babo ukuzozwa amaphimbo amadoda asekhulile, ukusiza ukubahlahlela indlela eya phambili.
Umhleli womcimbi uNkululeko Nyathi, weNyathikazi Events uthe lo mcimbi uvuleleku kubafana abaqala eminyakeni negu-16 kuya phezulu.
Uthe bameme amadoda anamava okubalwa uZondo, umbhali wezincwadi, uLunga Ntuli, umgqugquzeli wempilo uMthokozisi Ngobese nowayengumdlali weBafana Bafana uMbulelo "Old John" Mabizela.
"UMabizela uzobe ezokhuluma ngokuduma kwakhe namaphutha awenzile ngesikhathi esayillomo. Wehlulekile ukuziphatha ngakho uzobe ephumela obala ngamaphutha awenza. Inhloso ukwakha amadoda aqotho kusukela asebancane," kusho uNyathi.
Uthe bameme nenhlangano eyaluleka imindeni iFAMSA , nenhlangano elwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa iSanco ukuze iluleke abazobe behambele lo mcimbi ngendlela efanele yokuziphatha.