USIHLALO weKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yindlazana, uJaji Raymond Zondo, usecacisile ngomlando othinta umndeni wakhe nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
UZuma wathi uZondo kuzomele ahoxe uma yena ezofaza kwikhomishini ngoba “banomlando womndeni”.
UZondo izolo ukhiphe isitatimende lapho ethe ngama-90 ewummeli (eThekwini namaphethelo), wathandana nowesifazane agcina emkhulelisile. Lo wesifazane ungudadewabo kankosikazi kaZuma, abangasazwani naye uNkk Thobeka Madiba-Zuma.
UZondo usho lokhu ephendula incwadi eyabhalwa * -Advocate Eric Mabuza ngoSepthemba ecela ukuba ahoxe ngoba uZuma ukholelwa ukuthi kunalokhu okumthinta ngqo, okungahle kumphazamise emsebenzini wakhe wokuba usihlalo kule khomishini.
UZondo uthe ubudlelwane bakhe nalo wesifazane baphela eminyakeni edlule ngakho ngeke kuphazamise ukusebenza kwakhe.
“Ngokwami uZuma wayengenabo ubudlelwane noNkk Thobeka Madiba (Zuma), ngeminyaka yama-90. UZuma wagcina enobudlelwane nodadewabo walo wesifazane engangithandana naye. Bashada vele sesikade sahlukana naye lo wesifazane. Ngakho ngeke lokhu kuphazamise ukusebenza kwami. Kusukela ngo-2012 bengisebenza eNkantolo yoMthethosisekelo, lokhu akukaze kuphazamise ukusebenza kwami futhi lokhu ngeke kungiphazamise ekubeni uSihlalo weKhomishini,” kusho uZondo kwisitatimende.
Uthe phambilini uZuma akazange akuveze lokhu ukuthi kuyinkinga. “Kwezinye izinto ezithinta mina noZuma zomsebenzi akakaze ngaphambilini aveze ukukhathazeka ngalokhu,” kusho uZondo.
UZondo akazange aveze ukuthi uzohoxa noma ngeke uma uZuma esezofakaza kwikhomishini ngoNovemba 16 kuya ku-20.
“Ngicabanga ukuthi kusemqoka ukucacisa lolu daba kodwa okwamanje ngeke ngingene odabeni oluthinta izicelo zommeli kaZuma, encwadini angibhalela yona. Ngizobhekana nalokho uma sesifakiwe lesi sicelo.”
Khonamanjalo, umholi we-EFF uMnuz Julius Malema obevele enkantolo nelungu laleli qembu uDkt Mbuyiseni Ndlozi, ngecala lokushaya iphoyisa kufihlwa uNkk Winnie Madikizela-Mandela, ukhwele wadilika kuZondo wathi kumele amqonde ngqo.
Uthe akumele asebenzise amaphephandaba uma efuna ukuxhumana naye wathi kumele amqonde njengendoda.
“Akangiqonde ngqo, angasabi futhi angasebenzisi amaphephandaba. Anginankinga futhi angisabi ukuya kwikhomishini ngiyochaza, ithina esalwela ukuthi kube nale khomishini.”
Icala likaMalema noNdlozi lihlehlele uMashi wangonyaka ozayo.