USIHLALO wekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana, iJaji uRaymond Zondo, ufuna abe-ANC nePhalamende liphendule ngobufazi bowayengusihlalo webhodi le-Prasa, uMnuz Popo Molefe, ngokudonda uma betshelwa ngenkohlakalo ePrasa.
UZondo uveze ukushaqeka ngobufakazi bukaMolefe, othe imizamo yakhe yokuba oKlebe, i-ANC nePhalamende baphenye ngezenzo zenkohlakalo yazitshwa.
UMolefe uphothule ubufakazi bakhe izolo. Ubekhuluma ngezinsolo azithola zokuthi i-ANC yathola intshontsho kwinkontileka yezitimela eyakhishwa yiPrasa ngo-2013.
Inkanpani i-Swifambo Rail Leasing, yathola inkontileka ka-R3.6 billion yokuthi ihlinzeke iPrasa ngezitimela eziwu-4 000. Inkontileka yasusa umsindo. INkantolo eNkulu yathola ukuthi yakhishwa kungalandelwanga umthetho.
UMolefe uthe ngo-2015, wahlangana nomqondisi wenkankampani i- Swifambo, uMnuz Auswell Mashaba, eMaslow Hotel eSandton.
UMashaba wayekhathazekile ukuthi uphenyo olwenziwa yinkampani yabameli i-Werksmans Attorneys lwaluzokhomba yena ngenjumbane. UMashaba wachaza ukuthi wacelwa kanjani ukuthi adlulisele * -10% wethenda yePrasa “embuthweni.”
Ngesikhathi kuvela lezi zinsolo okokuqala ngo-2016, i-ANC yaphika ukuthi yathola imali.
UMolefe uthe imizamo yebhodi yokuthi oKlebe baphenye ngenkohlakalo ethinta iSwifambo yazitshwa noma yathatha isikhathi. Wabhala izincwadi ebhalela uphiko lwezokushushisa iNPA noKlebe kodwa waze waphoqeleka ukuthi aye enkantolo enkulu ukuze aphoqe izikhulu ukuthi ziphenye amacala awu-69.
Babekhathazekile ngokuthi kwakungekho okwakwenziwa.
UZondo uthe kuyaxaka ukuthi ibhodi yePrasa kwaze kwaphoqekela ukuthi liye enkantolo ukuphoqa ukuthi oKlebe baphenye. “Ukuba nesimo lapho kumele kusetshenziswe imali yabakhokhibentela ukukhokhela abameli ukuphoqa olumye uphiko lukahulumeni ukuthi lwenze umsebnzi walo yinto exakayo,” kusho uZondo.
UMolefe uthe kwakukhathaza.
UZondo uthe ufisa i-ANC nePhalamende baphendule ngokuzitshwa kwezinsolo zenkohlakalo ePrasa. “Asidingi izinkulumo ngokuthi abantu balwa kanjani nenkohlakalo, sidinga izenzo. Wena (Molefe) ufikile wasinika ubufakazi. Angingabazi ukuthi abanye enhlanganweni ebusayo kumele beze phambi kwekhomishini.”
Ikhomishini iyaqhubeka namuhla.