UZOKWAZI ngoLwesihlanu ukuthi uzodedelwa ngebheyili noma uzoqhubeka nokugqunywa esitokisini umdansi wasesitebeleni sikaDJ Tira, i-Afrotainment, obhekene necala lokudlwengula intombazane ena-13 engumakhelwane wakhe.
UNhlanhla "Sgaqa" Chiliza (31) ufake isicelo sebheyili lapho eveze ukuthi uyaliphika icala eNkantolo yeMantshi eThekwini, ngoLwesine.
Kule nkantolo bekukhona umndeni wentombazane obuphelezelwa ngamalungu e-ANC Women's League asemancane azibiza ngeYoung Women's Desk nomndeni kaChiliza nozakwabo abekade bezomeseka.
UChiliza ubesemelwe ummeli omusha uMnuz Sandile Shoba ngemuva kokuthi ummeli wakhe uMnuz Shameer Goolabjith ucele ukuhoxa kuleli cala.
Umshushisi uNksz Nsiki Qhunyiso uthwale kanzima ngesikhathi ephakamisa ukuthi isicelo sebheyili sihlehliswe ngenxa yokuthi umphenyi wecala kusanezinto okumele aziqinisekise.
Uveze ukuthi umphenyi wecala, uSergeant Lindelani Nkomo ukhathazekile ngoba ipassport kaChiliza isangakuye ngakho kulula ukuthi alifulathele elakuleli, abalekele icala.
UShoba usiphikisile lesi siphakamisa wathi akasiboni isidingo ngoba bonke abantu abathintekayo bakhona nekheli uChiliza azohlala kulo uma ededelwa liqinisekisiwe.
Uthe ipassport ingabe isisezandleni zikaNkomo lingakashoni ilanga angathumela iyolandwa ngokushesha.
IMantshi uNksz Bonisile Ngcobo ube esenquma ukuthi siqhubeke isicelo sebheyili.
Ngemuva kwesidlo sasemini sibe sesiqhubeka isicelo sebheyili lapho uNkomo efakwe ebhokisini ukuthi azothula ubufakazi.
Ukubeke kwacaca ukuthi akahambisani nokuthi uChiliza akhishwe ngebheyili.
Ugcizelele ukuthi njengoba ipassport isengakuye maningi amathuba okuthi abalakele icala.
UShoba uthe ipassport isingakuye uzomnikeza umphenyi wecala ukuze aqinisekise ukuthi uChiliza ngeke abalekele icala.
Uthe umbuso kumele ukhumbule ukuthi uChiliza waziyisa yena emaphoyiseni ngemuva kokuthola ukuthi uvulelwe icala lokudlwengula.
Uqhube wathi uChiliza unezingane ezimbili azinakekelayo nomndeni awondlayo ngomholo kaR15 000 awuthola njalo ngenyanga e-Afrotainment.
Umshushisi uNksz Qhunyiso uthe ubhekene necala elibucayi, uma engadedelwa umphakathi uzolahla ithemba ezinkantolo, njengoba ulindele ukuthi kube yizo ezizowuvikela.
Ngenxa yesikhathi uNksz Ngcobo ube esethi isinqumo uzosikhipha kusasa (ngoLwesihlanu).