KULINDELEKE ukuthi aqale emsebenzini wakhe omusha ekupheleni kukaNovemba uNkk Rhiya Phiyega owayenguKhomishana wamaPhoyisaIsithombe: MATTHEWS BALOYI
KULINDELEKE ukuthi abuye esephethe esinye futhi isikhundla esiphezulu owayenguKhomishana wamaPhoyisa, uNkk Riah Phiyega, owaxoshwa kulo msebenzi emva kokuthi kutholakale ukuthi akekho ezingeni lokuthi angaphatha isikhundla esifana nalesi.

Njengoba ezobuya esephethe isikhundla esiphezulu, uzobe eseyinhloko yesikhungo esilwa nobugebengu, esisebenzisana nePopcru engaphansi kwe-Cosatu.

UNkk Phiyega ungomunye wezethenjwa zesikhwama sezempilo samaphoyisa eSAPS, iPolmed.

Kulesi sikhungo esibizwa ngokuthi iSafer South Africa Foundation okulindeleke ukuthi aqale kusona ekupheleni kwale nyanga, uzobe eyisikhulu saso esiphezulu.

Ongusihlalo walesi sikhungo uDkt Tshenuwani Farisani, ukuqinisekisile kwi-Independent Media ukuthi uPhiyega uzothatha lesi sikhundla.

Ngokusho kukaFarisani, uPhiyega uzothatha isikhundla ebesiphethwe uTseliso Thipanyane, oshiye ekuqaleni kwalo nyaka.

UNkk Phiyega wamiswa wumengameli Jacob Zuma ngo-Okthoba ngo-2015 emva kokuthi umbiko weKhomishini eyayiholwa * -Ian Farlam ngokubulawa kwabantu eMarikana, wethulelwa umphakathi.

Emva kokuthi isivumelwano sakhe sokusebenza singavuselelwanga ngoJuni, kwaba wukuma kwakhe ngaleyo ndlela emsebenzini uNkk Phiyega.

Nakuba uNkk Phiyega agcina emisiwe emsebenzini, uFarisani uzwakalise ukungayizwa kahle eyokumiswa kwakhe.

“Siyazi ngokwamehlela kodwa sithe uma sicubungulisisa konke lokho, sabona ukuthi kukhona angasiza ngakho kwi Safer South Africa Foundation,” kusho uFarisani.

Uthe njengomfundisi, ukholelwa wukuthi akanalo ilungelo lokwahlulela abanye abantu, kunalokho kumele abanikeze elinye ithuba empilweni.

“Niyamthanda uRiah Phiyega. Ungowesifazane okahle. Ngiyacabanga ukuthi uzowenza kahle umsebenzi wakhe. Uma kwenzeka enza amaphutha, uzobe uyefana nami nawe,” kugcizelela uFarisani.

- The Star