UZONGCWATSHWA ngohlelo lokuhlonishwa wuhulumeni kazwelonke uNksz Bavelile Hlongwa (38), obeyiphini likaNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi nezaMandla, oshone ngoLwesihlanu.
UNksz Hlongwa waseMzinto ushone ezama ukusiza abanye engozini yemoto eyenzeke emgwaqweni uN1 ePitoli.
Yize izinhlelo eziphelele zomngcwabo zingakamenyezelwa, uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi uzohlonishwa wuhulumeni.
Esitatimendeni esikhishwe yihhovisi likaMengameli, amafulegi kumele andizele phansi kuzo zonke izindawo zikahulumeni.
UNkk Khusela Diko, okhulumela ihhovisi likaMengameli, uthe: “Ubenezwi ekuthuthukiseni intsha. Uke waba yiphini likaSihlalo weNational Development Agency.”
UNksz Hlongwa wagcotshelwa ukuba yiphini ngoMeyi. Ubengelinye lamalungu ekhabhinethi asemancane.
Abaningi bakhale ngokuthi ubeyithemba entsheni ngoba ubesemncane. Phakathi kwabadlulise amazwi enduduzo kubalwa iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, othe bekukuningi abebesakulindele kumufi obenamagalelo kwezobuholi.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, uthe isifundazwe silahlekelwe wumholi obe nethalente.
UNobhala jikelele weSACP, uDkt Blade Nzimande, uthe bashaqekile ngokushona kukaNksz Hlongwa abebethembele kuye njengomholi wakusasa.
Uthe ukuzimisela kwakhe yikona okwenze noRamaphosa amfake kwikhabhintethi yakhe.
Isitatimende esithunyelwe iNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho afunda khona, simchaze njengomuntu obenozwelo nobuntu. Wathweswa iziqu zeChemical Engineering kulesi sikhungo, walandelisa ngeMasters in Public Administration. Nakhona kuthiwa wayesezinhlakeni zobuholi wagcina enguMengameli womkhandlu wezitshudeni ngo-2009, wadlalela neqembu lebhola lezinyawo labesifazane.