Izindaba

Uzohlonishwa namadoda ayizingwazi

Charles Khuzwayo|Published

UMLINGISI wemidlalo yeTV, uJimmy "Mjimiseni" Magubane Mthembu uzohlonishwa nezinye izingwazi eThekwini kule nyanga yamadoda

Image: SITHUNYELWE

UMLINGISI wakuleli uJimmy  "Mjimiseni" Magubane Mthembu ukwabazohlonishwa emqhudelwaneni wezindondo iTop 100 Influential Men and Artes Awards eSibaya Zulu Theatre, eThekwini ngoJulayi 19.

UMjimiseni (48) uzohlonishwa nodokotela nezinjinga okubalwa kuzo neyaseThekwini uMnuz  Vivian Reddy. Leli ciko likujabulele kakhulu ukuthulelwa isigqoko lisaphila ngabeBig M Productions. Uthe ukuthakasele kakhulu ukukleliswa namaqhawe esadla anhlamvana ngenxa yemisebenzi yakhe.

"Kusho lukhulu ngoba imisebenzi esengiyenzile mikhulu. Kunabantu abawutho namhlanje ngenxa yomthelela enginawo kubona. Ngisesemsakazweni, ngaba owokuqala ukudlala izingoma zikaThinah Zungu ethi Kuthe Bekwazi, ekaBabo Ngcobo ethi Amatshe neka-Andile kaMajola ethi Wabambukusho nabanye abaculi asebedumile," kusho uMjimiseni.

Amagalelo kaMjimiseni  aqale ukubonakala esasakaza emsakazweni wamakholwa owawuzinze ePinetown, iKNI Radio lapho alekelela ekwakhiweni komuzi wakwaChili eDududu, nokubamba iqhaza emkhankasweni wokugqokisa abantwana basezikoleni zaseNtshongweni lapho azalwa khona.

Ubeseqhubekela kwiMbokodo FM lapho aba negalelo ekukhiqizeni abasakazi abafana noPhindile "Phindi P" Phewa osesakaza kuKhozi FM, Simo Ngema nabanye. Manje ugila izimanga kwithelevishini emidlalweni enjengoZalo, Durban Gen, Smoke & Mirrors neminye. 

UMjimiseni umatasa manje ushutha emdlalweni osakazwa kwiNetflix osihloko sithi Blood Legacy nakweminye imidlalo emikhulu. Kulo mkhakha wethelevishini ubuye aqeqeshe abafisa ukungena endimeni yokulingisa, ikakhulukazi laba abahlala ezindaweni zasemakhaya.

"Inhlosongqangi wukudala amathuba emisebenzi nokuhlomisa abantu abasha kanye nabadala ngamakhono," kuphetha uMjimiseni.

UJIMMY "Mjimiseni" Magubane Mthembu uzohlonishwa kumaTop 100 Influential Men and Artes eThekwini

Image: SITHUNYELWE