UZOGWETSHWA namhlanje eNkantolo eNkulu yaseThekwini umbulali nomdlwenguli owayehlalise lubhojozi umphakathi waseMlaza.
USanele Makhanya (27) ulahlwe ngamacala angu-20 okubalwa kuwo nawokubulala amalungu amane omndeni wakaMzila, ngonyaka odlule.
UMakhanya ubelokhu egqolozele ijaji, uPhillip Nkosi, engacwayizi, edla imihlathi ngesikhathi etshelwa izolo ukuthi amacala ayamgojela.
Ijaji ngesikhathi limehlulela lithe kunzima nokucabanga ukuthi umphakathi waseMlaza wawuhlukumezeke kanjani ngenxa yalo mbulali nomdlwenguli owayehamba engenela abantu emzini yabo.
“Umbuso ukwazile ukukhombisa ngaphandle kokungabaza ukuthi wena wawukhona kuzo zonke lezi zigameko zokuhlukunyezwa kwabantu. Yize ufakaze ngokuthi wena wawuzilalele kini ngesikhathi kwenzeka zonke lezi zigameko kodwa kunofakazi abeze enkantolo abakubona kulezi zigameko. Uhlulekile ukutshela inkantolo ukuthi kungani wawuhamba udlwengula ubulala nabantu nomngani wakho,” kusho uNkosi.
Ukudlwengulwa kwabesifazane, uthe yikhona kanye okucacisele inkantolo ukuthi akekho msulwa uMakhanya. “Ngesikhathi niyodlwengula abesifazane abathathu, oyedwa wayekwazi ngoba nanifunda ndawonye, ukwazile ukusho ukuthi uwena owamdlwengula. Ngesikhathi behlolwa kutholwe nolibofuzo lwakho (DNA) esithweni sakhe sangasese. Kuyamangaza ukuthi uthe wena wawulele ngaleso sikhathi edlwengulwa ekubeni kunobufakazi obuqanda ikhanda. Kukhona nomunye ufakazi owakubona uphuma endlini lapho laba besifazane badlwengulwa khona,” kusho uNkosi.
Ijaji lithe yize laba besifazane base bephoqwe ukuba bageze ngemuva kokudlwengulwa kodwa ulibofuzo lukaMakhanya lasala komunye wesifazane ngoba wamdlwengula ekugcineni, elandela umngani wakhe, uMnuz Sbonelo “Nkalakatha” Jali, ayegila naye le mikhuba. UJali wadutshulwa amaphoyisa endaweni yesigameko.
UNkosi uthe sekuwukucasha ngesithupha kukaMakhanya ukuthi yena akazi lutho ngalawa macala ngoba nakhu ethi umngani wakhe owayedubula.
Ngokobufakazi obuthulwe intombi kaMakhanya, evezwe njengoMandisa (isibongo asivezwanga) ijaji buthe yibona kanye obucacise konke.
“Ngokobufakazi obuthulwe intombi yakho owayifonela wathi ayize emuva kokubulawa kwabantu kaMzila, wayitshela ukuthi wena wawuhamba nomngani wakho okunguyena owayehamba ebulala abantu. Wena wawuntshontsha kuphela, nasethaveni awuzange udubule kodwa wawugadile. Konke lokhu angikukholwa ngoba wawusubeka icala kumuntu osefile ngoba ufuna ukuba muhle entombini yakho,” kusho ijaji.
UMakhanya waboshwa elele nayo intombi, nayo amaphoyisa ayithatha.
Ngokobufakazi obuthulwe intombi enkantolo, yezwa ngomunye wesifazane eyibuza ukuthi akalisabi yini isoka lakhe njengoba lithinteka emacaleni okubulala abantu eMlaza. Ngesikhathi esebuza uMakhanya ngalokhu, wavele wahlanza konke waveza ukuthi ubekhona kulezi zigameko kodwa akazange abulale yena.
“Ukuthi nguwena owadubula noma akuwena akusho lutho kangako ngoba nawe kuzo lezi zigameko wadlala indima enkulu," kusho yena.
Amacala okuthiwa akathinteki kuwona, elokubulala umngani wakhe owadutshulwa amaphoyisa, elokudlwengula kaMzila njengoba kungumufi owenza lokho nelokubamba inkunzi aphuce usibhamu umnikazi waso.