KULINDELEKE ukuthi abuyele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kusasa owayengumengamemi wakuleli uMnuz Jacob Zuma.
Uzovela ngamacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokushintshisana ngemali.
Umholi we-African Freedom Revolution, uMbhishobhi uTimothy Ngcobo, uveze ukuthi uZuma udlala izitha zakhe ezizama ngayo yonke indlela ukuthi zimcindezele.
Uthe uzobe engomunye wabantu abazobe besenkantolo kusasa ukuyoseka uZuma.
Uveze ukuthi uzoqhubeka nokumeseka uZuma ngoba uyakholelwa ukuthi akanacala kodwa wakhelwa uzungu oluthile.
Uphinde wagxeka isinqumo sophiko lwezokuShushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA) ngokubuyisela enkantolo amacala awu-16 enkohlakalo, okukhwabanisa nokushintshisana ngemali.
UNgcobo, uMfundisi uVusi Dube nokhulumela amasosha oMkhonto weSizwe uMnuz Carl Niehaus bavela njengabaqavile emkhankasweni wokweseka uZuma uma evela enkantolo.
UNgcobo uveze ukuthi yize esenekhaya elisha kwi-AFR kodwa usameseka uZuma.
Kuthiwa namhlanje ntambama kuzobanjwa umkhuleko wecala likaZuma ePietermaritzburg City Hall.
Phambilini uma uZuma evela enkantolo bekufika ngisho abalandeli bakhe abasuka eLimpopo, North West naseGoli bezomeseka.
Kulindeleke ukuthi abalandeli bakhe abangaphezu kuka-1000 ukuthi babuthane eFreedom Square ngaphandle kwasenkantolo ukuzomeseka.
-ANA