UPHOSE wonke amaphepha ezivivinyo zonyaka ethoyilethi umfundi owenza * -matric esikoleni samabanga aphakeme iNsongeni, okuthiwa ubenokhwantalala lokubhalwa kwezivivinyo.
Ngesikhathi abafundi baka- matric kulesi sikole behlezi endaweni ababhalela kuyona izivivinyo belindele ukubhala iphepha lesiZulu ngesonto eledlule, kuthiwa umfundi ushaqe amaphepha abebekwe etafuleni waqonda nawo endlini yangasese wafika wawaphosa khona.
Kuthiwa ngaleso sikhathi obeqaphe abafundi abebebhala ubesematasa enikeza abafundi amaphepha okubhala izimpendulo.
Ngokusho komele iDA kwezemfundo uDkt Imraan Keeka, ngesikhathi lo mfundi ehlwitha amaphepha ebaleka nawo eqonda ethoyilethi, oqapha ukubhala kwabafundi uzamile ukumjaha kodwa kwasho ukuthi lo mfundi oyintombazane ubegijima kakhulu. Kuthiwa emuva kokuthi ewaphonse ethoyilethi amaphepha ube esejomba ucingo waphela emehlweni.
Kuthiwa lesi sehlakalo sibikwe kwiziphathimandla zezemfundo kucelwa ukuthi abafundi abangu-16 banikezwe amanye amaphepha ukuze bakwazi ukuqhubeka nokubhala.
Kuthiwa lo mfundi uzovunyelwa ukubhala lesi sifundo nokuqhubeka ukubhala izivivinyo zakhe kodwa uzobhaliswa yedwa egadiwe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal uMnuz Kwazi Mthethwa uthe umnyango unaso isifundo esineziluleko zokuthi abafundi bebhekana kanjani nokhwantalala esibizwa ngeLife Orientation.
UDkt Keeka uthe uzolulandela udaba ukubheka ukuthi kukhona yini izinyathelo ezithathelwa lo mfundi. Uncome indlela umnyango esifundazweni osabalalisa ngayo amaphepha ezivivinyo.
AbeSA Depression and Anxiety Group banikeze lezi zeluleko ezilandelayo kubafundi baka-matric ababhala izivivinyo zabo:
- Ungazifakeli ingcindezi ngokwenza okungaphezulu kwamandla kodwa kwenze konke okwenzekayo.
- Ukudonsa umoya kungakusiza ukukunika isikhathi sokucabanga.
- Ukufunda uphindelela imibuzo kungakwenza ukwazi ukuwuqonda kangcono.
- Cabanga okufunde ubuyekeza, uzame ukukhumbula indlela obuphendule ngayo imibuzo.