IZOGUGELA ejele indoda egwetshwe iminyaka engu-56 ngamacala okugqekeza, ukweba, ukuzama ukubulala nawokubulala ezigamekweni ezenzeka eKloof naseWybank ngasePinetown ngoFebhuwari 2019.
USiboniso Msomi (33) ugixabezwe ngale minyaka yiNkantolo yesiFunda ePinetown.
Uzobhadla iminyaka engu-31 ejele ngoba ezinye izigwebo zakhe uzozidonsa kanyekanye.
Kuthiwa uMsomi nabangani bakhe babebalekela amaphoyisa ngemoto bedubulana emva kwezigameko zokugqekeza.
Ezintweni okuthiwa bazeba kwakukhona ubucwebe, ithelevishini, ama-laptop, amaselula, imali namakhamera.
Kuthiwa umshayeli yamphunyuka imoto emgwaqweni uFields Hill, yase iyashayisa.
Okhulumela iNational Prosecutig Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe uMsomi wazama ukubaleka ngemva kwengozi kodwa amaphoyisa asheshe ambamba.
“Watholakala nezimpahla zokwebiwa, ezagcina zibuyiselwe kubanikazi bazo. Walashwa esendaweni yesehlakalo, wasedluliselwa esibhedlela. Ayehamba nabo bashona,” kusho uNkk Kara.
Uqhube wathi uMsomi ugwetshwe iminyaka engu-10 icala ngalinye kwamabili okugqekeza, eyisithupha ngokuzama ukubulala, wagwetshwa engu-15 icala ngalinye kwamabili abebhekene nawo wokubulala ozakwabo.
UNkk Kara uthe uMsomi ugwetshwe iminyaka engu-56 isiyonke kodwa uzobhadla ejele engu-31 kuphela.