UZIDONSELE amanzi ngomsele uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu owenze umzekelo ngothisha abaphuza utshwala nezingane zesikole, athe yinto engase isabalalise igciwane leCovid-19 ezikoleni.
UMshengu ubekhuluma kuKhozi FM ngoLwesithathu mayelana nokuma ngomumo kwesifundazwe ngokuvulwa kwezikole.
Phakathi kwezinto azishilo, ukuthi akanakho ukwesaba ngokuvulwa kwezikole ngoba umnyango wakhe usuzithumele izinsiza ezizovikela othisha nabafundi kwiCovid-19 uma izikole sezivulwa ngoJuni 1.
Uqhubeke wathi ngeke akuqinisekise okuzokwenzeka ngaphandle kwamasango esikole lapho othisha bezotholakala khona bephuza nabafundi bazithole sebesuleleka ngeCovid-19, bese kuthiwa leli gciwane balithole ezikoleni ekubeni belithole lapho kade bephuza khona, kwazise nokudayiswa kotshwala kuzobe sekuvumelekile esigabeni sesithathu okuzobe kuhambisana nokuvulwa kwezikole.
UMengameli wenyunyana yothisha iNational Teachers Union (NATU) uMnuz Allan Thompson, uthe:
“Bengimlalele inkulumo yakhe yonke. Akukho akushilo okuhle ngothisha ngaphandle kokubehlisa isithunzi”.
UThompson ubuze ukuthi uMshengu usuke ethi othisha abayokwenzani ezikoleni uma engabethembi, futhi ezokhuluma izinto ezilumela ngalolu hlobo ngabo.
“Kungidumazile ukumuzwa ethi njengothisha sinohlelo lokumenzela phansi njengongqongqoshe ophethe ezemfundo kulesi sifundazwe,” kusho uThompson.
Ngokuka Thompson, akwanele ukuxolisa ngesitatimende kukaMshengu, kunalokho kuzomele abhale incwadi ayithumele kuzo zonke izikole axolise kothisha nangokubasola ngokuntshontsha izinsiza zokuzivikela kwiCovid-19 ezikoleni.
Okhulumela uMshengu, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe ukuxolisa kukaMashengu kube emva kokuthi ebonile ukuthi akushilo kube yiphutha, futhi kwangehla kahle kwabaningi.
“Yinto eyenzekayo ukuthi uma kade ukhuluma, ubone ukuthi kube nephutha kokukhulumile bese ubona kumele uxolise,”kusho uMthethwa.