Izindaba

Uzithele emaphoyiseni efika kuleli obephethe izidakamizwa e-O R Tambo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuboshwe owesilisa oshushumbisa izidakamizwa esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo.

Image: SAPS

Kuboshwe owesilisa oshushumbisa izidakamizwa oneminyaka engu-39 ubudala efika kuleli ngendiza esuka eSão Paulo, eBrazil.

Lo mlisa uboshwe e-OR Tambo International Airport ngoLwesihlanu ngo-09:00 ekuseni. Kuthiwa ubezoxhuma indiza eya eBeninn ngesikhathi ebanjwa amaphoyisa esikhumulweni sezindiza.

 

Utonyulwe wadonselwa eceleni kwathi ngesikhathi eseshwa, kwatholakala i-cocaine isongwe emilenzeni yakhe.

Uboshiwe kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngecala lokushushumbisa izidakamizwa.