ZIMKHALELE ubaba (38) waseMpembeni, eMpangeni, osolwa ngokubulala izingane zakhe ezimbili ngokuzilengisa.
Kuthiwa uyise walezi zingane, eneminyaka eyisikhombisa neneminyaka emine usolwa ngokubulala izingane ngokuzilengisa ngoMgqibelo. Ngokuthola kwaleli phephandaba, uyise wezingane uzinikele emaphoyiseni, emuva kwesigameko amaphoyisa abe esehamba naye eyowakhombisa lapho ethe wenze khona umonakalo, nangempela awufica.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe uyise wezingane emuva kokuthi zitholakale zilenga endlini.
Uthe enye ingane itholakale ilenga ekamelweni, enye yatholakala ilenga endlini yangasese kayise. UCaptain Gwala uthe bekulindeleke ukuthi uyise wezingane avele eNkantolo yeMantshi eSikhaleni izolo.
Ikhansela lakule ndawo, uNkk Jabu Hadebe lithe namanje basathukile ngesigameko sokubulawa kwezingane, okukhona kuzo ebifunda eMpembeni Primary.
“Imininingwane ngokuthi yini eholele ekutheni kwenzeke lokhu asikayazi. Kodwa kube buhlungu ukuthi sizwe into ebuhlungu kangaka, phezu kwazo zonke izigameko ezimbi esezike zenzeka kule ndawo,” kusho uNkk Hadebe.
Uthe bahambele ekhaya lalo baba emuva kokuthi bezwe ngesigameko sokushona kwezingane.
UNkk Hadebe uthe abazi noma kuyiqiniso yini, kodwa bathole ngomakhelwane ukuthi uyise wezingane uke wazama ukuzibulala kuqala anduba abulale izingane zakhe.
Uthe abakwazanga ukukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyiqiniso yini njengoba befike kungekho muntu emzini wale ndoda, ibisiboshiwe.
UNkk Hadebe uthe umbiko awuthole izolo kubantu abebeyobona umndeni, ngowokuthi umndeni usosizini njengoba ungazi ukuthi uzothathani uhlanganise nani ukuze ufihle abantwana.
Isolezwe lithole ukuthi uyise wezingane ube nengxabano nonina wazo ngaphambi kokuthi kwenzeke lesi sehlo. Kodwa akucaci ukuthi ingxabano ibimayelana nani.