I-DA isiziqhelanisile nombhalo ofakwe uNkk Helen Zille kwiTwitter ngoMsombuluko lapho abeqhubeka encoma khona inqubo yabacindezeli. Ilungu le-Da ePhalamende elike laba umkhulumeli weqembu, uNkk Phumzile Van Damme uthe uNkk Zille uzohlahla azilayishele yena abaxhumi kwakushilo. UNkk Van Damme ubekhuluma emcimbini iThe Gathering obuhlelwe yiDaily Maverick eCape Town International Convention Centre.
“Angiseyena umkhulumeli weqembu akusikhona okwami ukuphendula ngemibono kaNkk Zille. Ungumuntu omdala futhi wazi kahle kamhlophe ukuthi le mibhalo yakhe inamthelela muni eqenjini. Ngeke ngikwazi ukumvikela kuyoyonke lento ayishoyo,'' kusho uNkk Van Damme. Uthe akwaziyo ukuthi umholi weqembu uMnuz Mmusi Maimane uke waliqhelelanisa iqembu nemibono kaNkk Zille nekaMnuz Herman Mashaba oyiMeya yaseJohannesburg abayibhala koTwitter.
UMashaba yena uke wabhala eqhathanisa uMengameli wase-US uMnuz Donald Trump noMnuz Cyril Ramaphosa ngasebekuzuzile selokhu bengenile emahhovisi.. Omunye owaphendula kuTwitter wabhala wathi: ''Kuyanyanyisa ukuthi uTrump usejike wayisithandwa seDA lokhu kucasula kakhulu ukwedlula lokhu okwashiwo uNkk Zille''. Kuzokhumbuleka ukuthi uTrump ugxekwe kakhulu nonyaka ngemuva kokubiza amazwe ase-Afrika ngezigodi zendle.
ÚNkk Zille yena wabhala ukuthi: ''Ucabanga ukuthi umsizilo wenqubo yengcindezelo washiya okubi kodwa nje? Uma kunjalo asiwuchithe umthethosisekelo. Asichithe uhlelo lwemfundo nezikhungo zayo, sichithe ulimi lwesiNgisi nokunye okuningi,'' kusho uNkk Zille. Bese kungokwesibili uZille encoma inqubo yabaqoneli. Nangonyaka odlule uke wacashunwa ethi kukhona okuhle eyakushiya. Iqembu lakhe lathi ukumpheka ngobhojwana waze wamiswa kodwa wagcina exolisile. UMaimane wayelokhu eliqhelanise njalo iqembu kule nkulumo.