SABELO NSELE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe isinqumo sokushintsha ongqongqoshe ababili kwiKhabhinethi asihlangene nezimpi zangaphakathi kwi-ANC.
Izolo uZikalala umemezele ukuhlelwa kabusha kweKhabhinethi kwakhishwa uNkk Nomusa Dube-Ncube kwesikangqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, kwafakwa uMnuz Ravi Pillay obengungqongqoshe wezeZimali.
UNkk Dube-Ncube ufungiswe ngokusemthethweni kwesikangqongqoshe wezeZimali, evala isikhundla sikaPillay.
Abaningi bakubone lokhu njengokunqindwa amandla kukaNkk Dube-Ncube, obhekwe njengomunye wabangase bahole i-ANC KwaZulu-Natal esikhathini esizayo.
Kepha uZikalala ukuphikisile lokhu, wathi isinqumo sithathwe ukuze kuphuculwe indlela iminyango esebenza ngayo.
“Njengabaholi be-ANC abathunywe ukuyosebenza kuhulumeni, sisebenza njengembumba. Ipolitiki yangaphakathi kwi-ANC akufanele ilawule ukuthi sisebenza kanjani. Uma kukhona izinkinga ngaphakathi kwi-ANC, kufanele zixoxwe kwi-ANC.”
UZikalala uthe isinqumo sokushintsha ongqongqoshe, sesekelwa ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
“Ubuholi be-ANC bazisiwe ngesinqumo futhi buyahambisana naso. Njengabaholi be-ANC asizithatheli izinqumo, kodwa siyaxoxisana.”
UZikalala uthe amava kaNkk Dube-Ncube babone engasebenza kahle emnyangweni asewuhola, kanjalo nakaPillay abonakale engasiza emnyangweni wakhe omusha.
“Bekufanele sihlele kabusha indlela iminyango kahulumeni wesifundazwe esebenza ngayo. Bekufanele abantu sibafake lapho bezosebenza khona kangcono ukuze kuhanjiswe izidingo kubantu.”
Amaqembu aphikisayo esiShayamthetho KwaZulu-Natal asihlabile isinqumo, athi sigqugquzelwe izimpi zangaphakathi kwi-ANC.
Umholi we-IFP esiShayamthetho uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe sibamangazile le sinqumo njengoba ongqongqoshe bebenza kahle eminyangweni abebeyiphethe.
“Kuneminyango enezinkinga, okufanele ngabe kade bashintshwa ongqongqoshe kodwa lutho ukushintshwa. Ukuhamba kukandunankulu ayolungisa lapho kungonakele khona kusenza sicabange ukuthi kunenhlese yezepolitiki. Lokhu ngeke kubasize abantu baKwaZulu-Natal.”
Umholi weDA esiShayamthetho uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bafuna undunankulu acacise ngezizathu eziholele ekushintshweni kongqongqoshe.
“Ngesikhathi kumenyezelwa isinqumo esiShayamthetho, akuzange kunikezwe izizathu zokushintshwa kongqongqoshe. Isinqumo sishiya umbuzo wokuthi ngabe izimpi zangaphakathi kwi-ANC yizo eziholele ekutheni kuthathwe le sinqumo.
“Omunye umbuzo okufanele ubuzwe owokuthi ngabe undunankulu ubengasabuthembi yini ubuholi bongqongqoshe.”
USotswebhu esiShayamthetho uMnuz Super Zuma uthe bayasemukela isinqumo.