UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uzwakalise ukukhathazeka ukuthi lesi sifundazwe silele isibili ngabantu abatholwa benegciwane leCovid-19 ezweni jikelele.
UZikalala uthe yize izibalo zabaneCovid-19 zingathusi okwamanje kodwa kuyamkhathaza ukuthi ezibalweni zabeCovid-19 ezweni jikelele, u-21% uphuma KwaZulu-Natal kwazise isibe nesibalo sabawu-336 228 selokhu kwaqubuka iCovid-19.
“Sikhathazekile ukuthi abantu bakithi kabasanakile ukuthi iCovid-19 isekhona, abasazigqoki izifonyo uma besemphakathini, abasaqhelelani, bahlala babe baningi ezindaweni zokudlela nezokucima ukoma. Abasaziwashi izandla noma basebenzise izibulali-magciwane,” kusho uZikalala.
Uthe ukhathazekile ukuthi abantu babuyela endleleni ababeziphethe ngayo ngonyaka odlule ngaphambi kokufika kwesivuvu sesibili seCovid-19.
“Yebo, izibalo ziphansi okwamanje kodwa kufanele sikhumbule ukuthi isivuvu sesithathu ngeke simemezele uma sesigadla. Kufanele sizivikele ngaso sonke isikhathi ngoba iCovid-19 isekhona, kayiphelile,” kusho uZikalala.
Ucele abantu ukuthi babuke okwenzeka e-India lapho izibalo ziphezulu futhi abantu beshona kakhulu njengamanje, wathi kumele baqinisekise ukuthi bayazivikela ukuze izibalo zingenyuki kuleli.
Uthe bazohambela izindawo ezihlukene ukuhlola ukuthi iyalandelwa yini imithetho, abangayilandeli imithetho bazophucwa izimvume zokuhweba.
Uveze ukuthi ngokwezibalo zabashonayo iKwaZulu-Natal ilele endaweni yesine ilandela i-Eastern Cape, Gauteng neWestern Cape.
Uthe okumjabulisayo wukuthi amathuba okuthi abaguliswa yilesi sifo balulame ami ku-96%.
Uveze ukuthi izibalo zabagulayo zehlile emasontweni adlule kwazise esontweni lika-15 iKwaZulu-Natal ibinabantu abawu-606 abaneCovid-19, kwelika-16 bebewu-555.
Kubantu abawu-100 000 KwaZulu-Natal abahlanu baneCovid-19.
UZikalala uthe bakhahazekile ngokwenyuka kwezibalo zabangenwa yiCovid-19 eKing Cetshwayo, Harry Gwala nasoThukela lapho kuthokalale abantu abangaphezu kuka-50% abangenwe yilesi sifo ngeledlule.
Njengamanje bawu-444 abantu abalele ezibhedlela zaKwaZulu-Natal ngenxa yeCovid-19.
UZikalala uthe kuzoqhubeka nesigaba sokuqala sokugoma ngomgomo weJohnson & Johnson maduze kuze kuphele ngoLwesihlanu (30 Ephreli). Esigabeni u-1b sokugoma sizoqala ngoMeyi 1, siphele ngoMeyi 16.
Esigabeni u-1b, uZikalala uthe kuzogonywa abasebenzi bezempilo abawu-81 232.
Esigabeni sesibili nesesithathu kuzobe sekugonywa abantu abawu-30 000 ngosuku ezikhungweni ezihlukene.
Kulezo zikhungo kubalwa iRoyal Show Grounds eMgungundlovu, Pinetown Civic Centre, izinkundla zemidlalo iKing Zwelithini, Cato Manor, izibhedlela nemitholampilo.
Uthe ngo-Okthoba bazimisele ukuthi babe sebegome abantu abawu-2.9 million.
Ucele abantu abasha ukuthi balekelele abadala ukubhalisela ukugoma ngoba abanye kabakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe kuzosetshenziswa imigomo ehlukene abale kuyo iJ&J ejovelwa kanye, athe uzosebenza kakhulu ezindaweni zasemakhaya bese kuba nowePfizer ozosebenza ezindaweni ezisemadolobheni ngoba ujovelwa kabili.
Uthe emadolobheni kulula ukuthi abantu bafinyelele ezikhungweni zezempilo, akufani nasemakhaya lapho behamba amabanga amade.