UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, utuse abantu baseCuba ngokuba nesihe nobuntu wathi bancamele ukubeka impilo yabo engcupheni ngoba befuna ukusiza abantu bakwamanye amazwe.
Ethula inkulumo yakhe eMgungundlovu izolo, emva kokwamukela odokotela abangu-27 abavela ezweni laseCuba, abazolekelela ukuze kuliwe nobhubhane lweCorona, uZikalala uthe izinhliziyo zabantu baseCuba zinkulu ukwedlula ngisho umhlaba. Uthe kuningi abangakusho mayelana nezwe laseCuba njengoba labamba neqhaza elikhulu nasenkululekweni yamazwe amaningi ezwenikazi, i-Afrika.
“Ukwethembeka kwezwe laseCuba emazweni ase-Afrika kudala. Kwahlula ngisho abacindezeli bezama ukukuqeda lokho kodwa iCuba yama kulokhu ekholelwa kukona ukusiza labo abacindezelwe,” kusho uZikalala.
Uthe ubudlelwano bezwe laseNingizimu Afrika nelaseCuba busuka kude.
“Ngiyazi ukuthi ngikhuluma egameni labantu baKwaZulu-Natal, abaseNingizimu Afrika nabasezwenikazi lase-Afrika, siyaziqhenya ngempumelelo ezuzwe iCuba kwezemfundo, ezempilo nezesayensi. Ngosuku olubalulekile olufana nalolu, sikhumbula abaholi bethu ababili abangasekho uDkt Nelson Mandela noKhomanda Fidel Castro, owayengumholi waseCuba, namhlanje sifuna ukubahlonipha bobabili ngokuma bangagudluki kulokhu ababekholelwa kukona phezu kwengcindezi abebeyithola kubacindezeli,” kusho uZikalala.
Uthe bayaziqhenya ngohlelo lwezempilo phakathi kweNingizimu Afrika neCuba olwasungulwa nguMandela noCastro. Kulolu hlelo yilapho kusuka khona intsha yakuleli ihambe iyofundela ubudokotela eCuba.
“Siyakukhumbula ukufika kodokotela bokuqala kuleli baseCuba ngo-1996, ukufika kwalabo dokotela kwahambisana nemigubho eminingi kwaba khona nomcimbi wokubeka izimbali eFreedom Park, ePitoli, lapho kukhona amagama abantu baseCuba abangu-2070, abalahlekelwa impilo yabo e-Afrika besiza ezimpini ezahlukene kubalwa nase-Angola,” kusho uZikalala.
Uthe odokotela baseCuba abafikile bazobavikela beyisifundazwe.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe odokotela abafikile banele ukusabalala esifundazweni sonke.
Uthe kuzonke zonke izifunda zesifundazwe ezingu-11, kuzoba khona udokotela okhona.
“Abanye odokotela bazosebenza nezibhedlela ezithile, kodwa eThekwini, iLembe naseMgungundlovu lapho sinezibalo eziphezulu zabantu abaneCorona, khona sizosinyusa isibalo singabi nodokotela oyedwa, eMgungundlovu sizoba nababili kuthi eThekwini nakwiLembe sibe mhlawumbe nabathathu,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Izolo ntambama isibalo sabahaqwe yiCorona kuleli bese senyukele ku-19 137, esabashonile senyukele ku-369 kulandela ukushona kwabangu-30. Kuleli sekuhlolwe abantu
abangu-526 433.