USEQOKE ithimba eliyisipesheli elizoya koxoxa nabaphethe emishini yaKwaSizabantu, eKranskop, uNdunakulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, ukuthola kabanzi ngezigameko ezibikwayo.
Leli thimba elizoholwa nguNkk Peggy Nkonyeni onguNgqongqoshe wezokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal, lizoqala umsebenzi walo maduze.
UZikalala uzwakalise ukukhathazeka ngesinqumo sezitolo ezinkulu ezimise ukudayisa imikhiqizo eyenziwa KwaSizabantu, wathi lokhu kuzolahlekisela abantu ngamathuba omsebenzi.
Uthe iningi lezehlakalo ezibikwayo zenzeka kudala ngakho kubuhlungu ukubona izitolo ezinkulu zingayidayisi imikhiqizo yaKwaSizabantu.
“Sizoxoxa nezitolo ezinkulu ngoba uma zingayidayisi imikhiqizo yaKwaSizabantu baningi abazolahlekelwa wumsebenzi. Kufana nokuthi kujeziswa abantu abakhona njengamanje ngezigameko ezenziwa ngababephethe kudala,” kuchaza uZikalala.
Ngasohlangothini lweCovid-19 uveze ukuthi ziyehla izibalo zabangenwa yiCovid-19.
Kusukela ngoSepthemba 16 izibalo zabangenwa yiCovid-19 KwaZulu-Natal zisuke ku-980 zaya ku-875 manje ziku-682.
UZikalala uthe bawu-27 abasengcupheni yokushona kwabawu-100 000 abangenwa yiCovid-19 okusho ukuthi amathuba okushona ami ku-2%.
Amathuba okululama ami ku-93%.
Bawu-7 730 abasebenzi bezempilo abangenwe yiCovid-19 selokhu yaqala, bangaphezu kuka-70% abaluleme. Uthe ngoLwesihlanu ziwu-447 iziguli ebezilaliswe ezibhedlela zaKwaZulu-Natal. .