KUZODINGEKA imali elinganiselwa kuR3 billion ukulungisa umonakalo odalwe yimvula enamandla KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe wuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngoLwesihlanu.
UZikalala uthe emhlanganweni oyisipesheli wesigungu esiphezulu sesifundazwe, kuvele ukuthi kuzodingeka imali enguR3.3 billion ukulungisa umonakalo odalekile ukuze kubuyiselwe isimo kwesejwayelekile.
Uthe ukuze isifundazwe sikwazi ukulungisa isimo esibucayi, ihhovisi lakhe selibhalele uhulumeni kazwelonke ukuthi athathe isifundazwe njengendawo yenhlekelele.
“Lokhu sikwenzela ukuthi sikwazi ukufinyelela emalini ebekwa uhulumeni eceleni ukuthi ikwazi ukulekelela uma kuba khona izimo eziphuthumayo ezifuze lesi. Lokhu futhi sikwenziswa ukuthi nathi siyisifundazwe sikwazi ukuthi siphinde sihlele kabusha imali esuke ibekelwe ukuthi yenze imisebenzi ethile ukuthi manje ijike, isetshenziselwe ukulungisa isimo,” kusho uZikalala.
Phakathi kwezindawo ezikhahlamezekile kukhona uMgungundlovu, King Cetshwayo, Ilembe, Umkhanyakude neZululand.
Ngokombiko otholwe yiHhovisi likaNdunankulu, phakathi kwezinto ezikhahlamezekile, kubalwa imizi yabantu, izikole, imigwaqo nezinye izakhiwo ezibalulekile.
“Uma kuhlukaniswa umonakalo ngezigaba zawo, uthe kusuka ngoNovemba kuya kuJanuwari, zibe ngu-205 izigameko zesimo sezulu esibi ezibikiwe esifundazweni. Phakathi kwazo kukhona umoya onamandla, ukuduma kwezulu, imvula enamandla, isichotho njalo njalo,” kusho uZikalala.
Uthe zilinganiselwa ku-16 izigameko zabantu abaminzile emifuleni ebigcwaliswe yimvula. Wathi zingu-2 068 izindlu ezithikamezekile, kanti kuzona bekuhlala abantu abangu-10 972.
Uthe kulezi zindlu ezithikamezekile, ezingu-773 kuzo, ziphele nya, kanti ezingu-2 095 kulimale ingxenye yazo. Uthe bangu-25 abalahlekelwe yimpilo.
Uthe zingu-186 izikole ezikhahlamezekile, wathi nokho baphansi phezulu bazama ukuthi baqinisekise ukuthi kushaya usuku lokuvulwa kwezikole, izingane zibe zinawo amagumbi okufundela anele.
Uthe nezolimo azisalanga ngaphandle njengoba ezinye zezindawo ezigcina ukudla nazo zikhahlamezekile. Uthe lokhu kuholele ekutheni kushayeke umkhiqizo wenyama ebomvu, eyengulube neyenkukhu.
Uthe lukhona usizo oseluthunyelwe emiphakathini njengezijumbane zokudla, izindlu zokuhlala zesikhashana nempahla yokwakha.