KUBALULWE ukuthi izikhangiso zotshwala kwithelevishini ngesikhathi semindeni zinomthelela ekutheni intsha ibone ukuphuza utshwala kuyinto enhle futhi esesitayeleni.
Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, eThekwini izolo.
Ubethula ngokusemthethweni uhlaka lwamalungu angu-45 oluzoba sekhaleni empini yokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa budedengu KwaZulu-Natal.
UZikalala uthe uyazi ukuthi uzidonsela amanzi ngomsele ngenkulumo yakhe kodwa ukukhangiswa kotshwala kwithelevishini phakathi kuka-6 no-8 ebusuku akuyona into enhle akumele engabe iyenziwa.
Uthe iwunga isona sidakamizwa esisetshenziswa kakhulu yintsha esifundazweni ilandelwe utshwala nensangu.
UZikalala uveze ukuthi eThekwini, eMajuba nasoGwini izona zindawo elibhubhayo kuzona ngabantu abacwile ezidakamizweni.
“Angihambisani nezikhangiso zotshwala ngesikhathi semindeni izingane zisabukela ithelevishini. Lezi zikhangiso zinikeza izifundiso ezimbi kubantwana. Intsha akumele ingene esilingweni sokufisa ukuzwa ukuthi kunjani ukusebenzisa izidakamizwa,” kusho uZikalala.
Ukhuthaze abazali ukuthi babe isibonelo esihle kubantwana babo futhi imindeni yakhelwe phezu kwesisekelo.
Uthe inkinga iqala uma umntwana ebona umuntu wangaphandle emgwaqweni ukuthi kumele akhule afane naye.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe isizwe siyisizwe ngentsha engekho ezidakamizweni.
Uthe ukusetshenziswa kwezidakamizwa budlabha kuyisisusa sezinto ezimbi ezibandakanya ukubulala, ukudlwengula, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukuhweba ngabantu nokunye.
Lo mnyango wakhipha izikhangiso emaphepheni kulabo abangaba nothando lokusiza kulolu hlaka obelwethula. Lwake lwakhiwa uhlaka olufuze lolu ngo-2013 kodwa lwaphelela emoyeni.
Kulokhu luxube abezikhungo ezingenzi nzuzo ezisiza abacwile ezidakamizweni, osomabhizinisi, abefundisi, abamahlelo ehlukene emiphakathini, abeminyango kahulumeni ehlukene, amaphoyisa namalungu omphakathi.
Uhlaka luzobika emnyangweni kaNkk Khoza okuyiwona okhiphe nesabelomali sokwenza lo msebenzi wamavolontiya. Kuzoqwashiswa imiphakathi ngobungozi bezidakamizwa, uhlonyiswe ngamasu nangolwazi lokuzithiba kusizwe asebecwile ezidakamizweni.
Nomthelela ongemuhle odalwa ukuphuza kwabafundi isidakamizwa incika ubaluliwe embuthanweni wayizolo.
Incika iyinhlanganisela yomuthi womkhuhlane nesiphuzo esihlohlozayo abanye bafaka namaphilisi athile kuyona.